Hyundai i20 Active
Hyundai i20 Active
Hyundai i20 Active
Hyundai i20 Active
YINTO eyaziwayo ukuthi kulezi zinsuku abantu bayazifela ngezimoto eziphakeme okungaba amaSUV namaveni.

Kukhona-ke nokho abazithandayo izimoto eziphakeme kodwa abangafuni kube yizimoto ezinkulu. Imoto ephakeme imnandi ngoba ungayifaka emigwaqweni engemihle noma enamagquma ingashayi phansi futhi emabhampini ingazweli kakhulu.

Yingakho ubona izinkampani zithatha izimoto ezincane bese zithi ukuziphakamisa mbijana ukuze zibhekelele labo bantu. Enye yalezo zimoto yiHyundai i20 Active.

I-i20 Active yakhelwe igenge ethanda “ukushaya izindawo”. Ngesikhathi kwaHyundai bethula kabusha i-i20 kulo nyaka, uzoqaphela ukuthi ibingasekho i-1.4 Sport. Phela esikhaleni sayo sekungene i-Active.

Ukuze usheshe uyibone kunezinye izinhlobo zama-i20, i-Active ine-grille eyehlukile kanjalo nama-fog lights ayizindilinga amakhulu. Ngaphambili futhi kunekhava esiliva bese kuba nenye “eyisiketi” egijima ngezansi umzimba wonke iye iyoshaya ngemuva. Iphinde ibe namaLED daytime running lights. Okhakhayini inama-roof rails base bathi ukuyiphakamisa njengoba umhlaba iwushiye ngo-170mm uma uqhathanisa no-150mm we-i20 eyejwayelekile.

Konke lokhu kuyenza ibukeke saSUV kodwa incane.

Ngaphakathi yehluke ngokuthi inombala obomvu ezihlalweni (noma oluhlaza okwesibhakabhaka, kuya ngombala wangaphandle) negiya elibomvu. Nalapho kuphuma khona umoya emaceleni kubomvu. Ukube kuya ngami bengingakushiya konke kumnyama ngoba lokhu akubengezi ubuhle.

Hyundai i20 Active

Njengoba ngichazile ukuthi yimoto yokushaya izindawo nje, inesikhala esanele sokuhlala abagibeli abayisihlanu nempahla. Ubukhulu bebhuthi bungu-285 litres futhi uma uthanda ulalise izihlalo lesi sikhala sinyuka sigcine ku-1 001 litres.

Uhambo alubhori ngoba ine infotainment system lapho uxhuma khona iselula ngeBluetooth udlale umculo noma ubambe ucingo uma lukhala. Kunezimbobo zokufaka i-USB ne-AUX cable. Uma uthanda uyakwazi nokufaka iSD memory card ngoR2 500 ukuze kuvele inkombandlela.

KwaHyundai bagaxe injini eyejwayelekile iKappa engu-1.4 litre efuqa amandla angu-74 kW netorque engu-133 Nm.

Ijubane layo elikhulu bathi ngu-182km/* kodwa angikucacise ukuthi akusilo ijubane okufikeka kalula kulo leli ngoba iyadonsa kancane ukungena ejubaneni. Uma ufuna ukudlula enye imoto nje, kumele wehlise igiya noma uma unyuka emqanseni kumele wehlise igiya. Inamagiya ayisithupha ashintshwayo futhi ngisho usufake elesithupha ngathi ifuna elesikhombisa. Uma uhamba ngo-120km/* nje, yona isuke igijima ko-3 100 rpm. Lokho kunomthelela omubi endleleni edla ngayo uphethroli. KwaHyundai bathi ngo-100km isebenzisa amalitha angu-6.7. Kimi ibisebenzesa ngaphezulu kwayisikhombisa.

Ukuze ibe ntofontofo bayigaxe iMcPherson Struts ngaphambili kususpension. Futhi ukuhamba ngamasondo amakhulu angu-16 inch kuyawenza umehluko ngoba ayizweli kakhulu.

Ezokuphepha enazo zihlanganisa ama-ABS brakes ne-Electronic Brake Force Distribution.

KwaHyundai bakha izimoto eziseqophelweni eliphezulu kulezi zinsuku kodwa angigculisekile kahle ngalena. Ibukeka ikahle yona kodwa indlela ehamba ngayo emgwaqeni iyakhalisa futhi nenani liphezulu. Isembangweni nezimoto ezifana neFiat Panda 4x4 neRenault Sandero Stepway.

Inani

i20 1.4 Active (manual) R279 900

Iphuma neservice plan yeminyaka emithathu noma u-60 000km newarranty yeminyaka emihlanu noma u-150 000km.