EMASONTWENI amabili edlule sivumelane nozakwethu ukuthi sizoyothenga ukudla bese siyabuya siyoqhubeka nomsebenzi.

Uma sesiphuma omunye umema abanye sigcina isibalo siyanda. Empeleni sagcina sesibahlanu. Laba abanye bayizintokazi ezondlekile impela “ama-horse and trailer” ngokwaselokishini.

“Sizonela sonke?” kubuza omunye.

Ngalesi sikhathi emnyango bekupake iHonda BR-V nokungabanga yinkinga ukuthi singene sonke. Phela enye yezinto egabe ngazo le moto wukuthi ilayisha abagibeli abayisikhombisa. Oyedwa uhlale ezihlalweni zokugcina, ababili ngemuva kwase kuba ngababili ngaphambili futhi.

Lokhu kuyenza ibe yimoto ekahle uma unomndeni noma usebhizinisini lokuthutha abantu.

Ngikubone kulula ukuphuma nokungena kuyo ngenxa yokuthi izihlalo ziyagoqeka ngale komsebenzi.

Ebhuthini isikhala sikhona kodwa uma ufuna ukusandisa, izihlalo eziyisikhumba ziyagoqeka bese ulayisha kalula futhi phansi kunekhava esaplastiki eyivikelayo imoto.

Uplastiki lo bawufake nasezindaweni ezingafanele ngoba ngaphambili kwidashboard uyezwa ukuthi uplastiki kodwa othe ukuqinaqina kancane.

Kuyona idash kunomsakazo omncane wena owabona i-screen se-calculator kodwa okumnandi ukuthi uyakwazi ukuxhuma iselula ngeBluetooth.

Kukhona futhi nembobo yokufaka i-USB udlale umculo noma nge-AUX. Ngezansi inezinkinombo zokuhlela i-aircon bese kuba nezokubeka iziphuzo ezimbili.

Ezinye izinto enazo zihlanganisa amabhathini okulawula umsakazo esiteringini, idunyiswa ngebhathini namawindi kagesi.

Uma usuyishayela ihamba ngenjini engu-1.5 litre four-cylinder enamandla angu-88 kW ne-torque engu-145 Nm.

Isebenzisa ugearbox ozishintshayo oyiContinuously Variable Transmission (CVT) futhi uma uthanda usebenzisa ama-paddle shift ngemuva kwesiteringi uma ufuna ukuzishintshela.

Izindlela zami eziningi nayo bekuwukuhamba hamba edolobheni nokuyonto efanayo nabasebhizinisini lokuthutha abantu. Ibingasokoli ngamandla futhi intofontofo. Inkinga ikugearbox wayo oyiCVT oyena ibange umsindo uma uyinyathela kodwa uma uzihambela kahle ayinankinga.

Okungikhalisile ukudla kwayo uphethroli kwazise ibisebenzisa angu-11 ngo-100km/* kanjalo nokungabikhona kwama-sensor akusiza uma upaka. Ezokuphepha zihlanganisa i-ABS nama-airbags ngaphambili.

KwaHonda bayenze yabukeka ngokuyifaka ama- roof rails, amarimu angu-16 inch kanjalo nechrome ngaphambili nasemaceleni.

Inani

Honda BR-V 1.5 Elegance CVT R312,100

Ifika ne-service plan yeminyaka emibili noma * -30 000km ne-warranty yeminyaka emihlanu noma * -200 000km.