ITOYOTA Yaris entsha. Isithombe: ROB TILL
UMA kukhulunywa ngemoto ekulezo ezethulwa emakethe yakuleli yafike yazitholela indawo ngokushesha ezinhliziyweni zabathengi kusuke kushiwo iToyota Yaris.

Kusukela yethulwa ngo-2005 sekwethulwe izinhlobo ezine futhi bezidayisa ubuthaphuthaphu.

IYaris entsha idle ngokuba nkulu kunendala. Bheka ngoba ubude bayo bande ngo-165 mm kanti ububanzi bayo bungu-5mm lokho okwenza isikhala sabagibeli nesempahla sande.

Ngaphambili ishaya ngama-headlamps ayisibaca kuthi phakathi nendawo kube ne-trapezoidal grille kuthi emakhoneni phezulu kube namalambu akhanya ubusuku nemini amaDaytime Running Lights.

Ukwazi ukuyithola ngemibala eyisikhombisa okungoDiamond Silver Metallic, Attitude Black, Glacier White, Crimson Metallic, Graphite Grey including two new exciting hues - Inferno Metallic noDark Blue metallic.

Uma ungena ngaphakathi ufica isikhala esanele sabagibeli abahlanu. Izihlalo zakhona zintofontofo.

Kukhona izindawo ezimbili zokubeka izinkomishi ngaphambili futhi ezicabheni kunezikhala zokubeka izigubhu zamanzi. Ibhuthi ivuleke ngo-8% nokwenza ibe ngu-310 litres.

Inhlobo yokuqala ekhona yiXi efika ne-keyless entry, idunyiswa ngebhathini, inezipikha ezine futhi ikwazi ukuxhuma iselula ngeBluetooth, ifaka i-USB, izibuko emaceleni uzihlela ngogesi, amawindi kagesi ngaphambili, ipower steering kanjalo ne air-conditioning.

I-Xs yona ifika namalambu azikhanyelayo uma kumnyama, 16 inch alloy wheels, amawindi kagesi, isiteringi esigoqwe ngesikhumba, amabhathini esiteringini namaLED daytime running lights.

Enye yiCross, esuselwe kwiXs. Yona bayigaxe ama roof rails.

Okuyiyona engumakhonya yiSport edle ngezinto eziningi ukuyenza ibe sporty. Phakathi kwazo kukhona izitishi ezibomvu esiteringini nasegiyeni, izipikha eziyisithupha, izihlalo zesikhumba, auto aircon, ama fog lamps ngaphambili, projector headlamps, amalambu eLED ngemuva, ispoiler ebhuthini, shark-fin antenna, ‘iziketi’ emaceleni, nokunye.

I-Xs, Cross neSport zifika netouchscreen infotainment system entsha. Idlala umsakazo, USB neBluetooth futhi ikwazi ukuxhuma iSmartphone njengoba ine-Apple CarPlay ne-Android Auto.

Amanye ama-apps ungawafaka ngeWi-Fi.

Zonke zifika nenjini efanayo engu-1.5 litre four-cylinder kaphethroli. Inamandla angu-70 kW netorque engu-140 Nm. Ijubane layo elikhulu kweno-gearbox oshintshwayo, eyi-5-speed transmission ngu-180 km/* . Enye eyiCVT yona ijubane layo elikhulu ngu-170.

Emgwaqweni bathi iwubukhosi ngoba intofontofo. Kuya ngenhlobo yakho kodwa kukhona enamasondo angu-15 inch enye ingu-16 inch.

Ngakwezokuphepha ifika nama-airbag omshayeli nomgibeli ngaphambili, ABS, EBD, Vehicle Stability Control, neHill Assist Control.

Ngaphezu kwalokhu, iSport sinama-airbags asemaceleni, curtain ne-airbag yasedolweni kumshayeli.

AMANANI

1.5 Xi MT - R 230 800

1.5 Xs MT - R 253 400

1.5 Xs CVT - R 268 500

1.5 Cross - R 268 500

1.5 Sport - R 286 000

Zonke izinhlobo zifika ne-service plan yeminyaka emithathu noma * -45 000 km, i-warranty yeminyaka emithathu noma * -100 000km. Amakhasimende angakwazi ukukwelula lokhu ngeToyota Value added services.