IMOTO: VOLKSWAGEN TOUAREG

UKUSHINTSHA kwesikhathi kuphoqa ukuthi nezinkampani zezimoto zihambisane naso ukuze zimelane nezidingo zabathengi.

Kungalesi sizathu uhlale ubona izinkampani zingagcini nje ngokufuna ukwenza imoto enhle, eshibhile futhi ezosiza ukufeza izidingo zomthengi kodwa ziphinde zifake nobuchwepheshe besimanje.

Bheka ngoba kwaVolkswagen bethule iTouareg entsha egabe ngenqwaba yobuchwepheshe. Le SUV, okungeyesizukulwane sesithathu iyintandokazi eChina, Europe naseRussia.

Nakuleli iyatholakala futhi entsha evezwe emhlabeni jikelele izotheleka ungakapheli u-2018.

Ishaya nge-Innovasion Cockpit. I-Digital Cockpot engu-12 inch neDiscover Premium infotainment system engu-15 inch kuyahlangana kube kuhle futhi akukho mabhathini.

ITouareg ifika nenqwaba yobuchwepheshe bokusiza umshayeli, iyabambelela intofontofo. Buhlanganisa ubuchwepheshe beNight Vision assistance system eyenza ukuthi ibone abantu nezilwane okuphambili isebenzisa ikhamera, Roadwork Lane Assist eyenza ukuthi izibuyise yona emzileni uma ibuya futhi ikwazi ukubhuleka nokunyusa amandla kuze kufike ku-60 km/* , Front Cross Traffic Assist esiza ukuthi ibone sonke isiminyaminya esingaphambi kwayo, ibambelela njengemoto encane, roll stabilisation ene- electromechanically controlled anti-roll bars, LED matrix headlights neWindshield Head-up Display.

Ngaphansi kwebhonethi iTouareg ifika nenjini eyiV6. E-Europe izotholakala ngekadizili enamandla angu-170 kW nefuqa * -210 kW. Ekaphethroli inamandla angu-250 kw kanti enye yiV8 turbodiesel ekhahlela * -310 kW. Kukhona ne-plug-in hybrid enamandla angu-270 kW.

Kuleli akukaqinisekiswa ukuthi yiziphi ezizofika.

Ngaphandle kobuchwepheshe namandla enjini, iTouareg ibukeka kahle. Uma uyiqhathanisa nendala ithe ukuvuleka futhi yinde. Lokhu kwenza ukuthi ibhuthi ibe nkulu, isuke ku-697 litres yafinyelela ku-810 litres. Kunekhava yokufihla impahla esebenza ngogesi.

Yize isinkulu kodwa isisindo sayo sincishiswe ngo-106kg ngenxa yokusetshenziswe ngesikhathi yakhiwa.