IFORD Figo entsha

UMA sekuyilesi sikhathi sonyaka kusuke sekuphithizela ezitolo nasemagaraji abantu befuna ukuzikhisimuza ngezimoto ezintsha.

Omunye umngani wami nje odayisa izimoto uyakhala ngokuthi uhlabe ikhefu emsebenzini ngoba ngeke aze ayithole imali ewuchatha abongwa ngayo ngokudayisa.

Esinye isigaba sezimoto esibhekwa ngabathengi yilesi okudlalela kuso iFord Figo, okungesezimoto ezibiza kahle, abaningi abazithenga njengezimoto zabo zokuqala. Bheka ngoba iFigo esikhuluma ngayo namuhla yileyo enesinqa encintisana nezimoto okubalwa kuzo iToyota Etios.

KwaFord bayithuthukisile ngokushintsha ingaphambili bayigaxa igrille entsha.

Esihamba ngayo yiTrend, okuyiyo eseqophelweni eliphezulu uma uyiqhathanisa ne-Ambiente.

Ngezansi inama-fog lamps bese kuthi emaceleni kugqame amarimu angu-14 inch.

Ngaphakathi abenzanga umehluko otheni ngaphandle kokuyithinta lapha nalapha kwi-centre console nasezihlalweni.

Phezu komsakazo phakathi nendawo kuyavuleka ukwazi ukushaja iselula ngembobo ye-USB bese kuphinde kubambeke neselula futhi.

Ingaphakathi leFord Figo


Kuhle kakhulu uma udlala umculo ngeBluetooth ngoba uyakwazi ukukhetha izingoma kahle.

Kungabasebenzela futhi nabemboni yamatekisi akhokhelwa ngebanga njengo-Uber ngoba bengabeka iselula bese bebona kalula inkombandlela.

Ngaphandle kwalokhu, ifika ne-air conditioner, amawindi kagesi, iyabika uma ungalifasile ibhande ne central locking.

Le moto ifika nenjini entsha engu-1.5 litre three-cylinder kaphethroli. Inamandla angu-88 kW ne-torque engu-150 Nm kanti ino-gearbox onamagiya ayisihlanu ashintshwayo.

Engikuthandile wukuvuleka kwayo futhi emgwaqeni ihamba kamnandi yize ibuye ikhathale uma kwenyukela nokuphoqa ukuthi unciphise amagiya. Okunye okumnandi wukuthi bazamile ukunciphisa umsindo womoya ngaphakathi.

Kwezokuphepha inama-airbag omshayeli nomgibeli, ABS brakes ane-Electronic Brakeforce Distribution.

INANI

Figo 1.5 TiVCT Trend Sedan 5MT R197 950

Ifika ne-warranty yeminyaka emine noma * -120 000km, roadside assistance yeminyaka emithathu, service plan yeminyaka emine noma * -60 000km necorrosion warranty yeminyaka

emihlanu. Kumele iye kwisevisi njalo ngemuva kuka-15 000km.