IFORD Fiesta entsha
IFORD Motor Company eNingizimu Afrika yethule iFord Fiesta ezobhekana ngqo neVolkswagen Polo entsha.

Kusukela yethuliwe iPolo ekupheleni kukaJanuwari ibalwa nezimoto ezidayisa ubuthaphuthaphu eNingizimu Afrika.

IFiesta entsha ifika ngezinhlobo ezimbili - iTrend neTitanium enezinto eziningi.

Ngaphandle yinhle futhi ishaya ngemibala egqamile ehehayo. Kukhona kuyo nomusha obizwa ngeChrome Copper noblue wave.

Ngaphambili ishaya nge grille ethe ukuvuleka futhi inamalambu amasha nama-fog lamps ngezansi.

Ithe ukuba yinde ngo-71mm uma uyiqhathanisa nendala futhi ububanzi bayo buvuleke ngo-13 mm. Ngemuva yehluke kakhulu kunendala indlela amalambu ayo ami ngayo ngoba asemaceleni okuyenza ibukeke ivulekile.

ITrend inamarimu angu-16 inch kuthi iTitanium ibe nangu-17 inch.

Ngaphakathi abakugqamisa kakhulu kwaFord wukuncipha kwezinkinobho nokuyinto engiyishayela ihlombe ngoba izimoto zesimanje kazinalo uxhaxha lwezinkinobho olukukuthatha isikhathi ukuthi ulifunde ukuthi ngolwani. Ngaphandle nje kwalokho kodwa kwenza imoto ibukeke kabi.

Bathi bazehlise cishe ngesigamu izinkinobho ngenxa yokuthi okuningi ukulawula kwi touchscreen engu-6.5 inch, enye yezinto ezikukhangayo uma ungena. Kuyona udlala umsakazo nokuxhuma iselula ngoba ine-Apple CarPlay.

Inezindawo ezimbili zokufaka ama-USB, idlala iCD futhi iTitanium inezipikha eziyisikhombisa kuthi iTrend ibe nezipikha eziyisithupha.

KwiTitanium ingu-8 inch ehlanganisa neSYNC 3 enenkombandlela yakwaWaze.

Kukhona futhi ne 4.2 inch multi-function TFT display entsha kwi instrument cluster. Isiteringi sayo sinezinkinobho ezilawula i-cruise control nokunye.

Ukululeka kwayo kwenza ukuthi isikhala sokuhlala sivuleke ngoba i-legroom inde ngo-16 mm futhi inezihlalo ezintofontofo.

Inamakhosombe okubeka izinto nakwi armrest kwi centre console. Ezivalweni zangemuva ungafaka izigubhu ezingu-6 litres.

iqhubeka ekhasini 5