I-XLT 4x4 inenjini entsha kadizili

Abanye babantu ebengihlangana nabo ngesikhathi ngihamba ngayo bebebuza ngezokuphepha. Kuke kwavela ukuthi izimoto zakwaFord zinenkinga yokugqekezwa nokwebiwa.

Bazithuthukisile ezophepha njengoba kukhona i-alamu, baqinisa lapho kukhiywa khona ezibanjeni nokunye.

Iphinde ibe-Electronic Stability Programme, Traction Control, Trailer Sway Control, Hill Launch Assist, Hill Descent Control, Adaptive Load Control ne Roll Over Mitigation. Inamasensor ngaphambili nangemuva kanjalo nekhamera okwenza kube lula uma upaka.

Ngaphakathi kukhona ama airbag ahlanganisa eyomshayeli neyomgibeli nama curtain airbags.

IRanger iyanelisa uma ungakwazi ukuthola iWildtrak okanye eyokugcina iRaptor. Ifika nezinto eziningi okungadingi ukuthi wengeze imali ukuze uzothole.

Inani

Ford Ranger 2.0L SiT XLT 4x4 R570 200

Ifika newarranty yeminyaka emine noma u-120 000km, corrosion warranty yeminyaka emihlanu, Roadside Assistance yeminyaka emithathu neserivice plan yeminyaka eyisithupha noma u-90 000km.

Kumele iye kwi-service ngemuva kokuhamba u-15 000km.