IT-CROSS incane kunamaSUV akwabo ewajoyinayo okuyiTiguan neTouareg ibe idle ngezinto eziningi zobuchwe-pheshe

BANGENA bayagamanxa ekukhiqizeni amaSport Utility Vehicle (SUV) kwaVolkswagen njengoba bethule iT-Cross emhlabeni jikelele okulindeleke ukuthi ize kuleli ngonyaka ozayo.

Le moto incane kunamaSUV akwabo ewajoyinayo okuyiTiguan neTouareg.

Ubude bayo bungu-4.11 metres kanti iwheelbase ingu-2.56 metres nokwenza ivuleke ngaphakathi ukumumatha abagibeli abayisihlanu.

Ibhuthi bathi likwazi ukumumatha impahla ephakathi kuka-385 litres no-455 litres kanti uma ulalise izihlalo zangemuva isikhala sifika ku-1.281 litres.

Izinto ephuma nazo zihlanganisa ukuthi ikwazi ukubona abantu abahamba phambi kwayo futhi ilekelele ekubhrekeni ngokuphazima kweso, iyakusiza uhlale usemzileni ohamba kuwo, iyazibamba ingahlehli uma isuka emqanseni, iyabika uma kukhona imoto esecaleni ongaliboni, nokunye.

Iphinde ibe nezindawo zokufaka ama-USB ezine nokunye okuningi.

Ikwazi ukubona abantu abahamba phambi kwayo futhi ilekelele ekubhrekeni ngokuphazima kweso. Ixhuma ama-USB amane

Ihlukene ngezinjini ezine ezi-turbocharged, okungezintathu zikaphethroli neyodwa kadizili. Eyokuqala yi-1.0 TSI three-cylinder kaphethroli enamandla angu-70 kW noma eno-85 kW.

Enye kaphethroli yi-1.5 TSI four-cylinder enamandla angu-110 kW bese kuba nekadizili i-1.6 TDI enamandla angu-70 kW.

Izobanga abathengi nezimoto okubalwa kuzo iFord EcoSport neHyundai Creta nezinye.