I-VW Polo GTI entsha iyiPolo elisha elijwayelekile kodwa elitoniwe

“Noma ngigula uwena umakhenikha, njengeVW eTinaga.”

Lona wulayini wengoma kaHeavy K owawushaywa yisilomo somculi we-kwaito, uProfessor, engomeni ayempike kuyo eyashisa izikhotha ethi Beautiful War.

Ucula kanjena nje, yingoba eTinaga (Uitenhage) e-Eastern Cape, yilapho khona kunemboni yakwaVolkswagen eNingizimu Afrika.

Kule mboni yilapho futhi kukhiqizwa khona iVW Polo entsha eyethulwe ngokusemthethweni eKapa ngesonto eledlule. Ukwakhiwa kwayo kuleli kwenze ukuthi inani lentsha lithi ukuncipha uma iqhathaniswa nendala. Bheka ngoba endala yayibiza uR387 000 kodwa entsha ibiza uR387 500.

Ukuncipha kwenani nokho akusho ukuthi kunciphe nezinga le moto elikuyo. Izinhlamvu ezithi GTI (Gran Turismo Injection) kwabaningi zisho ijubane.

Ezimnandi kulabo wukuthi bayigaxe injini engu-2.0 turbo okokuqala ngqa. Edlule yayishaya ngengu-1.8 litre enamandla angu-141kW/250Nm.

Entsha yona ifuqa amandla angu-147 kW netorque engu-320 Nm. Lokhu kuyenza ukuthi isuke ku-0 iye ku-100km/h ngemizuzwana engu-6.7 kuthi ijubane elikhulu kube ngu-237 km/h . Ifika ne-6-speed dual clutch gearbox DSG.

Emgwaqweni igxuma ihlale ngokushesha ejubaneni futhi ikhipha nomsindo wodumo we ‘vrrr pha”. Kodwa okufike kwangithatha yindlela enamathela ngayo emakhoneni ngenxa ye XDS differential lock.

Yenza ukuthi uphume uyinhlamvu ekhoneni ngoba iyakulawula ukuthi ingaphumi emzileni. Iphinde futhi ibe ne Electronic Stability Control.

Uma ubambe isiteringi uyezwa ukuthi uwe oyilawulayo ngoba lapho usikhomba khona nekhala libheka khona.

Umshayeli angakwazi ukukhetha ukuthi ifike neSport Select ukuze umshayeli ayikhethe ukuthi ufuna ihambe kanjani phakathi kukaNormal, Sport, Eco no-Individual.

Uma ingenayo iba noNormal noSport kuphela.

Iyimoto ongaphila nayo nsukuzonke ngoba ngebanga lika-100km isebenzisa amalitha angu-5.9.

I-VW Polo GTI entsha iyiPolo elisha elijwayelekile kodwa elitoniwe. Ngaphambili ishaya ngolayini obomvu ogijima kwi -radiotor grille bese iqoshwa uGTI ngaphezulu. Uma uthanda ukwazi ukuyifaka amaLED headlihgts.

Ngezansi inama air curtains amnyama amise okuka-C kubhampa. Eceleni kugqame amarimu angu-17 inch kodwa uma uthanda uyakwazi ukuthola awu-18 inch, nokuyiwo engiwathandayo futhi kulunguza ama-brake callipers abomvu kuywo.

Ngemuva ishaya ngezinqawe ezimbili ezigqize nge-chrome ngakwesokunxele, diffuser emnyama kanjalo ne-roof spoiler. InamaLED lights.

Okhakhayini uma uthanda uyakwazi ukuyifaka i-panoramic sunroof.

Imibala amakhasimende angakhetha kuyo ihlanganisa omhlophe, obomvu, omnyama kanjalo noluhlaza okwesibhakabhaka.

Uma ungena ngaphakathi ishaya ngezitishi ezibomvu esiteringini nangasegiyeni.

Uma uthanda uyakwazi ukuthi i dashboad ibe nomunye umbala njengokuthi ibe bomvu.

Uma uthanda uyakwazi ukufakaa i-Active Info Display entsha futhi enhle engu-10.25 inch.

Uciphaza u-view esiteringini bese ikuvezela imininingwane yemoto.

I-infotainment system yayo efika nayo yiComposition Media engu-8.0 inch edlala neCD.

Uma uthanda nokho uyakwaz ukuyigaxa iDiscover Media nayo engu-8.0 inch kodwa eveza nenkombandlela.

Umshayeli engakwazi ukuyigaxa i-Advanced Safety Package ehlangisa iParallel Park Assist, Park Distance Control, Rear View Camera, Blind Spot Detection namawindi agoqwa ngogesi.

IneDriver Alert System etshela umshayeli ukuthi akaphumule uma isola ukuthi akasanakile. Kukhona ne-Automatic Post-Collision Braking System eyenza ukuthi ime uma kade ibe sengozini.

IPolo GTI yimoto ekahle ikakhulu ngoba ivulekile futhi iyonga nakuphethroli okuyenza imoto yansuku zonke.

Uma uphuthuma ijubane layo yilapho lisebenza khona futhi kumnandi ukuyishayela.

Nokho uma uyithenga kumele ungahehwa yinani ngoba kuzomele unezezele izinto ezimbalwa ukuze ibe ngcono kakhulu.

Inani

Ifika ne warranty yeminyaka emithathu noma * -120 000km, iservice plan yeminyaka emtihathu noma * -45 000km ne anti-corrosion warranty yeminyaka engu-12. Kumele iye kwisevisi ngemuva kokuhamba * -15 000km.

2.0 TSI 147 kW DSGR375 900

Izinto ongazifaka:

Brecscia 18 Alloy Wheels - R5 550

Discover Media Navigation - R12 150

Active Info Dispaly - R8 650

Park Distance Control (PDC) front&rear - R3 150

Advanced Safety Package: Parallel Park Assist + PDC, Rear View Camera, Blind Spot Detection _ Electronic Folding Mirrors - R11 850

Lights and Vision Package: Auto Dim Mirror + Auto Headlights + Rain Sensor - R3 850

LED Headlights - R12 450

Sport Select - R5 050

Luxury Package: Climatronic Air Conditioner + Keyless Acess (“entry”and “go”) - R8 650

Panoramic Sunroof - R10 550

Leather Sport Seats with seat heating - R9 850