UMA ungena kwi-website yakwaVolkswagen ngaphansi kwezimoto ezitholakala kuleli kukhona iT-Cross entsha.

Uma ungena kuyo esikhundleni sokuthi uthole imininingwane ngayo njengezinye izimoto ezikhona uchazelwa mbijana ngayo bese kuvela ukuthi “uzothola maduze”.

Le moto eyiSUV encane, izojoyina umndeni wamaSUV akule nkampani okuyiTiguan, Tiguan Allspace neTouareg.

I-T-Cross yakhiwa eSpain kanti izoqala ukudayisa kuleli maduze.

Uma uyibuka izishaya saPolo kodwa ephakeme yaba yiSUV. Ubude bayo bande ngo-182 millimetres uma uyiqhathanisa nePolo njengoba ingu-4.2 metres. Ukuphakama kungu-1 584 millimetres kanti iPolo yona ingu-1 461 millimetres.

Ngaphambili uma uthanda uyifaka ama-headlights angamaLED bese kuba nama-daytime running lights. Ngemuva kunamalambu angamaLED.

Emaceleni inamakhwapha amasondo amakhulu okuyilapho uthola khona angu-16 inch. Uma uthanda kodwa yakwazi ukufaka angu-17 inch noma angu-18 inch. Imibala yayo ihlukene kasishiyagalolunye.

Ngaphakathi bathi ivulekile ngenxa ye-wheelbase yayo engu-2 551 millimetres. Izihlalo zithe ukuphakama njengoba iyiSUV nje ukuthi umshayeli nabagibeli babone kahle phambili.

Ubukhulu bebhuthi buphakathi kuka-377 no-455 litres. Uma ulalise izihlalo isikhala siba ngu-1 281 litres.

Efika nakho kubalwa izimbobo ezine ze-USB futhi uma uthanda uyakwazi ukufaka ubuchwepheshe bokutshaja ngaphandle kokufaka intambo. Kwabathanda umsindo, uyakwazi ukufaka izipikha zeBeats.

Ngakwezokuphepha, yathola izinkanyezi ezinhlanu ihlolwa ukulimala kwabagibeli uma besengozini ngabe-Euro NCAP. Izinto enazo zihlanganisa ukuthi ikusize ibe semzileni, ingahlehli uma isuka emqanseni, adaptive cruise control, park assist, isho uma kukhona imoto eseceleni nokuthi ibike ngezimoto ezingemuva.

I-T-Cross izohluka ngezinhlobo ezintathu okuyiTrendline okuyiyo eyingane, Comfortline neHighline.

Izinjini zihlukene kabili. Kuzotholakala i-1.0 TSI enamandla angu-85kW ne-torque engu-200 Nm. Ifika kuphela ne-7 speed DSG transmission.

Enye yi-1.5 TSI three-cylinder enamandla angu-110kW. Ngonyaka ozayo kuza i-1.0 TSI enamandla angu-70 kW.

Intengo izoqinisekiswa uma isiyethulwa kodwa kuthiwa izobe idlalela kuR300 000.