I-XC60 ingenye yezimoto eziphephile emhlabeni njengoba ngesikhathi ihlolwa ngabe-Euro NCAP ngonyaka odlule yathola u-98%

IMOTO ephethe isicoco se-2018 World Car of the Year, iVolvo XC60 isithelekile eNingizimu Afrika.

Le moto ingena esikhaleni seXC60 endala osekudayise ezingaphezulu kuka-1 million emhlabeni jikelele, kusukela yethulwa eminyakeni eyisishiyagalolunye.

I-XC60 ingenye yezimoto eziphephile emhlabeni njengoba ngesikhathi ihlolwa ngabe-Euro NCAP ngonyaka odlule yathola u-98%.

Phakathi kobuchwepheshe bezokuphepha egabe ngabo iCity Safety Autonomous Emergency Braking System, ehlanganisa ne-steering support njengoba le nkampani ikholwa wukuthi ukubhreka kukodwa ngeke kusize ukugwema ingozi. Ikwazi ukunciphisa izingozi zokushayisana mahlanze nemoto kanjalo nokutshela umshayeli uma kukhona imoto kwiBlind Spot bese iyayigwema uma kunesidingo.

InePilot Assist eyenza ukuthi iziphendule siteringi, izinyathele umlilo futhi ibhreke emgwaqweni odwetshwe kahle phansi. Lokhu ikwenza ngejubane elifika ku-130 km/h .

Izinjini efika nazo kukhona ezimbili zikadizili iD4 neD5 nezikaphethroli ezimbili iT5 nakwiT6. Zonke zine 8-speed Automatic AWD gearbox. Abashayeli bakhetha izinhlobo zeMomentuum neR-Design ebukeka i-sporty eseqophelweni eliphezulu yi-Inscription.

Amanani

Volvo XC60 T5 Momentum187kW/350NmR686 546

Volvo XC60 T5 Inscription187kW/350NmR730 646

Volvo XC60 T5 R-Design187kW/350NmR732 946

Volvo XC60 T6 Momentum235kW/400NmR738 034

Volvo XC60 T6 Inscription235kW/400NmR782 184

Volvo XC60 T6 R-Design235kW/400NmR784 484

Volvo XC60 D4 Momentum 140kW/400NmR666 024

Volvo XC60 D4 Inscription140kW/400NmR710 124

Volvo XC60 D4 R-Design140kW/400NmR712 424

Volvo XC60 D5 Momentum 173kW/480NmR735 636

Volvo XC60 D5 Inscription173kW/480NmR779 836

Volvo XC60 D5 R-Design173kW/480NmR782 036

Zonke zifika neWarranty neMaintenance Plan yeminyaka emihlanu noma * -100 000km neRoadside assistance yeminyaka emihlanu.