IZOQALA ukutholakala kusukela maphakathi nenyanga ezayo imu-X okuyimoto eyiSports Utility Vehicle (SUV) yakwa-Isuzu Motors South Africa
IZOQALA ukutholakala kusukela maphakathi nenyanga ezayo imu-X okuyimoto eyiSports Utility Vehicle (SUV) yakwa-Isuzu Motors South Africa.

Ngale moto kwa-Isuzu bangena ngayo esigabeni samaSUV njengoba selokhu bagcina ngeTrooper neFrontier ngo-1992 nango-1998.

“Le moto esezingeni, esiphenduke intandokazi kubathengi emhlabeni jikelele izokwandisa izimoto esinazo okuzokwenza abethengi bakwazi ukukhetha phakathi kweveni Isuzu ne-Isuzu SUV ukusebenza nokungcebeleka futhi iqinisekisa ukuthi izidingo zabo ziyabhekelwa emndenini wakwa-Isuzu,” kusho uDominic Rimmer, Executive Technical Services.

Imu-X yaqala ukwethulwa eThailand ngo-2013. Idayisa emazweni amaningi okubalwa iThailand, Australia nasePhilippines.

URimmer uthe bayaziqhenya ngokwethula le moto ezonikeza abathengi iSUV esuselwe enkampanini eyaziwayo futhi abantu abayithembayo.

Le moto ihamba ngenjini yakwa-Isuzu engu-3 litre. Emgwaqweni bathi ihamba njengemoto encane futhi intofontofo ngosizo lwe-5-link rear suspension. Ngaphakathi ilayisha abagibeli abayisikhombisa bonke abahlala ngokukhululeka.

Imininingwane ephelele ngayo izodalulwa uma sekusondele usuku lokuthi yethulwe.