IRush yakwa Toyota
ENYE yezinkampani ezenza kahle eNingizimu Afrika ekudayiseni izimoto yiToyota. Futhi lokho sekwenzeke iminyaka.

Lokhu kungenxa yokuthi isineminyaka ikhona, abantu sebeyayethemba. Iyazi ukuthi umbango uyashisa yingakho kungathusanga ukuyibona yethula iSUV entsha encane ukuze iqinise isikimu sayo.

Imoto yabo abayethulile yiRush.

Ukuphakama kwayo kungu-220mm, ishaya nge-approach angle engu-21 degrees bese kuthi i-departure angle ibe ngu-26.5 degrees.

Ngaphandle iyabukeka ngenxa yokuthi inamalambu angamaLED ngaphambili, trapezoidal grille enkulu, ama-fog lamps ngezansi ne-skid plate esiliva ngezansi.

Eceleni ngezansi ishaya ngekhava emnyama esuka ngaphambili ize iyophuma ngemuva, bese iba namarimu angu-17 inch. Inesipele siwusayizi ofanayo namanye. Ngemuva inamaLED lamps. Okhakhayini inama-roof rails.

Ngaphakathi bayakhe kahle kwi-dashboard bayifaka i- touchscreen audio system okwazi ukuxhuma iBluetooth, USB ne-Android Auto Plus noma i-Apple CarPlay.

I-screen siveza ingemuva uma uhlehla njengoba inekhamera. Ngezansi kwe-screen kukhona izinkinobho zokulawula i-air-conditioner.

Isiteringi siyi-3-spoke futhi ngesesikhumba. Sinjalo nje sinamabhathini okulawula umsakazo nokubamba ucingo.

I-instrument cluster iveza imininingwane ebalulekile edingwa wumshayeli, njengokuthi kusele uphethroli ongakanani.

Okugqamile kodwa ngaphakathi wubukhulu bayo. Ilayisha abagibeli abayisihlanu, isikhala sebhuthi sikhulu njengoba singu-609 litres. Bekungaba kuhle nokho ukube kuthiwa kukhona ikhava yokumboza impahla uma isebhuthini ukuze ifihleke.

Ezinye izinto enazo kubalwa amalambu azikhanyelayo uma kumnyama, izibuko ezigoqekayo ngogesi, Park Distance Control, idunyiswa ngebhathini futhi ine-keyless entry eyenza impilo ibe lula uma uphethe impahla ngoba akudingi ukuthi uyibeke phansi usabheka ukhiye.

Mhlawumbe lobu buhle kwaToyota bebenzela ukugqiba ihlazo lokuthi iyaphoxa uma isihamba. Izihlalo azikho ntofontofo futhi inomsindo ngaphakathi. Ngize ngakhumbula imoto yakudala kwaToyota iVenture.

Injini yayo ingu-1.5 litre four-cylinder DOHC engine. Ifuqa amandla angu-77 kW ne-torque engu-136 Nm. Ebesihamba ngayo ibinamagiya ayisihlanu ashintshwayo njengoba kukhona nezishintshayo.

Uma uhamba ngayo kuvele kube nomsindo wenjini uze ubheke ukuthi kwenzenjani. Bekungaba ngcono uma kuthiwa kunegiya lesithupha.

KwaToyota bathi ngebanga lika-100km iphuza amalitha kaphethroli angu-6.7. Kodwa kimi ibisebenzisa angaphezulu kwayisikhombisa.

I-suspension yayo ngemuva unamaMcPherson struts ngaphambili kuthi ngemuva kube yiMultilink.

Kwezokuphepha ifika neVehicle Stability Control, Anti-lock Braking System (ABS) neHill Assist Control.

Inama-airbags ayisithupha ahlanganisa eyomshayeli nomgibeli, awasemaceleni nama-curtain airbags.

Inani layo nobukhulu ngikholwa wukuthi yikhona okuzoheha abathengi kodwa akuyona imoto okumnandi ukuhamba ngayo ngenxa yomsindo wayo.

Inani

Rush 1.5 MT - R299 900

Ifika ne-service plan ka-90 000km noma amasevisi ayisithupha ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km. Kumele iye kwisevisi ngemuva kokuhamba u-15 000km.