IMAZDA 3 entsha
EMLANDWENI wakwaMazda, iMazda3 yiyona moto edayise kakhulu ukuzedlula zonke izimoto ezikhona.

Kusukela yethulwa ngo-2003 sekudayiswe adlule ku-6 million emazweni angaphezu kuka-120 emhlabeni jikelele.

eNingizimu Afrika eyesizukulwane esedlule yathengwa ngabantu abevile ku-12 000.

Ngeledlule le nkampani yethule iMazda3 entsha yesizukulwane sesikhombisa.

Itholakala ngenesinqe i-sedan nengenaso i-hatch. I-hatch itholakala nangombala omusha uPolymetal Grey. Omunye umehluko wumbala omnyama okhakhayini kwinhlobo i-Active. I-Astina hatch ifika namarimu angu-18 inch amnyama. I-sedan inokhakhayi olunombala o-grey kuthi kwi-Astina ibe namarimu asiliva angu-18 inch.

Ihlukene ngezinhlobo

Kukhona i-1.5L Active Manula hatch ne-sedan. Ifika nenjini enamandla angu-88kW ne-torque engu-153kW. Isebenzisa * -gearbox oyi 6 speed manual. Inezipikha eziyisishiyagalombili, iyazicisha uma ima, amalambu ayazikhanyisa, amarimu angu-16 inch, amawiper azishayayo uma lina, ama airbag omshayeli, umgibeli, edolweni, eceleni nafana namakhethini, idunyiswa ngebhathini, izicabha ziyazikhiya, air conditioner, ineMZD Connect System kwi-8.8 inch Display Screen okwazi ukuxhuma kuyo iselula nge-Apple CarPlay noma i-Android Auto, isiteringi esinamabhathini futhi okwazi ukusihlela ukuthi sime kanjani. Ezokuphepha yi-Anti-lock Braking System, Dynamic Stability Control, Electronic Brake-force Distribution, Emergency Brake Assist, Head-Up Display, Electronic Parking Brake neHill Launch Assist.

Enye yiMazda3 1.5 Dynamic Manual hatch neSedan kanjalo ne- auto hatch ne-sedan. Kuyo kwengezwa i-cruise control, isibuko sangemuva esidimayo, isiteringi sesikhumba negiya, indawo yokuphumuza ingalo phakathi nendawo enezimbobo zeziphuzo namasensa akusiza uma upaka ngemuva.

Eyesithathu yi-1.5L Ind manual ehlukene nge-hatch, sedan ne-1.5L hatch nesedan. Kuyo ungena ngaphandle kokuciphiza ukhiye, izibuko zasemaceleni ziyazigoqa, dual-zone climate control air-conditioning, 7 inch TFT LCD Digital Meter, isikhumba ngaphakathi, isihlalo somshayeli sihlelwa ngogesi, nezipikha ezingu-12 zeBose.

Eyokugcina yi-2.0L astina Auto hatch ne-sedan. Inamandla angu-121kW netorque engu-213Nm. Ifika namaDaytie Running Lamps, Rear Combination Lamps, Adaptive LED headlamps, Blind Spot Monitoring, Rear Cross Traffic Alert, amasensa ngemuva, ikhamera, navigation, izimbobo zokukhipha umoya we-aircon ngemuva nesunroof.

Amanani

Mazda3 1.5L Active Manual Hatch - R359,900 Sedan - R357,000 (Incl VAT)

Mazda3 1.5L Dynamic Manual - Hatch R374,200 Sedan R371,300 (Incl VAT)

Auto 1.5L Hatch - R387,000 Sedan R384,100 (Incl VAT)

Mazda3 1.5L Ind Manual - Hatch R421,900 Sedan R418,800 (Incl VAT)

Auto 1.5L - Hatch R434,700 Sedan R431,600 (Incl VAT)

Mazda3 2.0L Astina Auto - Hatch R474,000 Sedan 470,800 (Incl VAT)

Zifika ne-service plan yeminyaka emithathu engakalelwe amakhilomitha, i-warranty yeminyaka emithathu, roadside assistance yeminyaka emithathu neCorrosion warranty yeminyaka emihlanu.