Le Kwid bayibiza nge-AMT kwazise i-ne-gearbox eyi 5-speed Automated Manual Transmission (AMT)

AYIKHO into eqeda umoya njengokuma esiminyaminyeni sezimoto, ikakhulukazi uma ukhathele ufuna ukufika lapho uya khona noma ujahile.

Okufike kugqilaze kakhulu wukulokhu ubhalansisa, ugxoba i-clutch, amafutha uphinde ubambe amabhreki. Kuze kukhathale unyawo.

Abanye abakwazi ukukwenza kahle lokhu okuyingakho uke uzwe sekunuka i-clutch endleleni ebheke emicimbini njengeDurban Jazz Festival, eHazelmere.

Yingakho ke nezinkampani ziqhamuka nobuchwepheshe bokuthi esiminyaminyeni izimoto zikwazi ukuzihambela nge-Adaptive Cruise Control, umshayeli ajikise kuphela isiteringi.

Nokho lobu buchwepheshe buyabiza kodwa izinkampani ezifuna izimoto zazo ziqhubeke nokushibha, zenza ukuthi umthengi akwazi ukukhetha ene-gearbox ozishintshayo.

IRenault yenze okufanayo ngomncanyana wayo oyintandokazi kusukela wethulwa ngo-2016, iKwid.

Le Kwid bayibiza nge-AMT kwazise i-ne-gearbox eyi 5-speed Automated Manual Transmission (AMT).

I-AMT yi-gearobox efana neshintshwayo i-manual kodwa ngenxa yobuchwepheshe, awuyidingi i-clutch ukuze ushintshe kepha izishintsha yona.

Awugcini kuphela ngokuhluka ngegama kodwa uma ususemotweni ayikho induku yegiya, kunalokho kukhona inkinobho ekwi-centre console.

Igiya lakhona uyalikurufa futhi ukhetha uR, N noD alinawo uP. Kunalokho uma upaka uyifaka kuN.

Uma usemqanseni uyakwazi ukuyipaka ikuD kodwa kufanele uqaphele ukuthi uyimisa ikuN ngaso sonke isikhathi.

Ukunamekwa kwayo phezulu kuvula isikhala ngezansi ongakwazi ukubeka okuthandayo kuso.

Indlela esebenza ngayo le gearbox yehlukile, okwenza ukuthi ifune umuntu oyigcinayo imithetho ukuze ayishayele.

Uma uyidumisa, ugxoba ibhreki, uyigaxe kuN bese uphendula ukhiye i-one imoto. Ulinda imizuzwana emithathu ukuthi i-gearbox ingene kahle esimweni ngaphambi kokuyidumisa.

Ukuphela kwemizuzwana emithathu ukuzwa ngomsindo ewenzayo.

Uma usuhamba izwakala sengathi yimoto ene-clutch okumele uyishintshe wena ekubeni ingekho.

Uma usuka iyangqangqazela kancane kube sengathi umshayeli uyabhalansisa phakathi kwe-clutch namafutha.

Uma isihamba kumele uyiqaphele uma isishintsha igiya bese udedela kancane amafutha ukuze igiya lingene kahle bese ephinde eyipha amafutha.

Nokho iyakudonsa uma ishintsha okuyinto okwaziyo ukuyigwema uma ushayela imoto ozishintsheya yona wena.

Ikudonsa kakhulu uma ufuna ukusuka ngamandla kodwa uma usuka kahle ayinankinga.

Ngichithe izinsuku eziyisikhombisa nayo kodwa konke lokhu bengibuye ngikukhohlwe, ngizithole ngifuna ukuyidumisa ngaphandle kokulinda imizuzu emithathu noma ngingalususi unyawo uma ishintsha.

Uma ngalolo suku ngikhumbulile, bekuba lula ukuhamba ngayo futhi ubuncane bayo benza ikwazi ukuchusha kalula edolobheni nanoma usuyipaka.

Ephuzwini lobuncane nangaphakathi ayibafuni abantu abathe ukuba bakhulu ngoba bashayisana ngamahlombe bese kwenza abagibeli abahlanu bampintshane.

Uma uhamba ibanga elide ayinakinga ngoba iyashesha kodwa ubunzima ibuthwala uma ibhekene nomoya ngoba inokuphephuka.

Injini yayo ingu-1.0 litre kaphethroli kanti inamandla angu-50 kW ne-torque engu-91 Nm.

Ngebanga lika-100km bathi isebenzisa amalitha angu-4.4 okuyinto engihlulekile ukuyiqinisekisa ngenxa yokuthi ibingangivezeli ngendlela.

Kodwa lokho kuwukonga kangcono uma uyiqhathanisa nezinye izinhlobo zeKwid ezishintshwayo.

I-Kwid akusiyona imoto ongathi yinhle noma yimbi. Izishaya saSUV yize incane.

Ngaphakathi inomsakazo, air con, amawindi angaphambili avulwa ngogesi futhi ine-airbag yomshayeli.

Ishaya nge-7 inch touchscreen ene-navigator.

Kulabo abasebasha futhi abahlala emadolobheni, bangayibheka iKwid. Nalabo abasanda kuthweswa iziqu bangayithenga ibe yimoto abaqala ngayo kwazise uyonga nasephaketheni njengoba ifika ne-insurance yamahhala unyaka wonke. Ngenyang ukhokha uR1 999.

Inani

Renault Kwid AMT R147 900 Ifika ne-warranty yeminyaka emihlanu noma * -150 000km.