Tucson Sport
NGONYAKA odlule kuthuthukiswe iHyundai Tucson nokuyinto esiyenzekile kwiTucson Sport.

ITucson Sport iqale ukwenziwa ngo-2017. Abakwenzayo ukuthatha iTucson eyejwayelekile bese beyishintsha indlela ebukeka ngayo.

UStanley Anderson ongumqondisi wokusebenza nokudayisa kwaHyundai Automotive South Africa, uthe badayise amaTucson Sport angu-516, angu-374 anamagiya ashintshwayo ama-Executive M/T Sport kuthi angu-142 kuwo ashintshwayo ama-Elite DCT Sport.

“Ngemuva kokuthuthukisa iTucson, bese kuyisikhathi sokuthi senze enye iSport efanayo nedlule kodwa enobuhle obufike neTucson,” kusho u-Anderson.

Izinhlobo zamaTucson ezikhona manje ziyisishiyagalolunye ikhetha kuzo izinjini ezintathu, engu-2 litre kaphethrooli, ene-turbo engu-1.6 litre nekadizili engu-2 litre nayo ene-turbo.

Kulula ukuyibona ukuthi akusiyona iTucson eyejwayelekile. Yinhle. Ubhampa ngaphambili bawengeze nge-spoiler. Emaceleni inesiketi kanjalo namarimu amnyama angu-19 inch. Ngemuva inezinqawe ezine.

Zinhle lezi zinqawe kwi-1.6 litre turbocharged engine ngoba zithi ukundoda. Le njini inamandla angu-150 kW netorque engu-300 Nm.

Amandla iwathumela emasondweni angaphambili ngo-gearobx oyi-7 speed Dual-Clutch Transmission (DCT).

Bekungaba mnandi ukuba kukhona nama-paddle shift ngemuva kwesiteringi ukushintsha kalula uma uzishintshela.

Kwekadizili khona izinqawe ziyasabisa ngoba azinamsindo. Ukube kuya ngami okungenani bengingafaka eyodwa zinhlangothi zombili hhayi ukusabisa ubala.


Inenjini engu-2 litre turbo nayo enamandla angu-150 kW kodwa i-torque yona ithe xaxa ngoba ingu-460 Nm. Nayo idonsa ngamasondo angaphambili futhi ino-gearbox ozishintshayo ongu-8 speed automatic.

U-Anderson uthe * -90% wamaTucson abawadayisayo ano-gearbox ozishintshayo.

Amandla azo zombili ayezwakala ukuthi athe xaxa kunendala. Mina ngithande kakhulu ekadizili ngoba iyonga yize uyizwa i-turbo leg, noma ukubambezeleka ngaphambi kokuthi inyakaze ngokushesha.

Zintofontofo ngaphakathi, zithule futhi zivulekile okuzenza kube yimoto ekahle yomndeni.

Zombili lezi zimoto zakhelwe phezu kwesisekelo seTucson Elite.

Lokhu kusho ukuthi zinescreen esingu-7 inch okwazi ukuxhuma iselula nge-Apple CarPlay okanye i-Android Auto.

Izihlalo zesikhumba zomshayeli nomgibeli uzihlela ngogesi, dual climate control, paniramic sunroof, ikhamera ngemuva futhi iyabika uma kukhona imoto eceleni kwakho.

Ezokuphepha ngaphandle kokubika imoto eseceleni ukuthi iyasho uma kukhona imoto eqhamukayo uma uhlehla uphuma endaweni yokupaka, inama airbag ngaphambili nama-curtain airbags futhi ukwazi ukufaka isihlalo sengane ngemuva. Ifika futhi neVehicle Stability Control neHill-start Assist.

Amanani

Tucson 1.6 TGDI Sport (Dual

Clutch Transmission)

R654 900

Tucson R2.0 Sport Turbodiesel (automatic)

R664 900

Ifika ne-service plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000km, warranty yeminyaka eyisikhimbisa noma u-200 000km neroadside assistance yeminyaka eyisikhombisa noma u-150 000km.

Kumele iye kwi-sevisi ngemuva kokuhamba u-15 000km futhi i-1.6 TGDI kumele iqale ukuya ngemuva kuka-5 000km.