TOYOTA ETIOS

ITOYOTA ithuthukise imoto yayo i-Etios esezimotweni ezenza kahle kule nkampani njengoba kudayiswa ezilinganiselwa ku-1 000 ngenyanga.

Ngaphandle kokuthuthukiswa kwayo kuphinde kwethulwa ne-Etios Sport ezofika ngesibalo esikaliwe. Inokhakhayi olumnyama ibemnyama nangasewindini. Emzimbeni uyithola ngombala omhlophe iGlacier White noma iRetro Red.

Ngaphambili ishaya nge-radiator grille emnyama, izibuko ezimnyama emaceleni ne-roof spoiler emnyama ngemuva.

Yona inamarimu angu-15 inch alloy afana nawe-Etios Cross. ISport itholakala nge-hatchback kuphela.

Ezinye izinhlobo ze-Etios nazo bathe ukuzithintathinta. Kukhona i- instrument cluster entsha kanti inhlobo yeXi bayifake amawindi kagesi ngemuva.

Injini ye-Etios ingu-66 kW ne-torque engu-132 Nm. Ukusuka ku-0 iye ku-100km/* kuyithatha imizuzwana engu-11.3 kanti ijubane layo elikhulu lingu-165 km/* .

Ino-gearbox onamagiya amahlanu ashintshwayo futhi idonsa ngamasondo angaphambili.

I-sedan idla amalitha angu-5.9 kaphethroli ngebanga lika-100km. Ihatchback bathi isebenzisa amalitha angu-6.0 ngebanga elifanayo.

Kwezokuphepha yathola izinkanyezi ezine ngokweGlobal NCAP. Inama-airbag omshayeli nawomgibeli, ABS ne-EBD.

Amanani

1.5 Xi - R171 000

1.5 Sprint - R176 300

1.5 Cross - R198 400

1.5 Sport - R178 800

Sedan

1.5 Xi - R179 500

1.5 Sprint - R184 400

Ziphuma ne-service plan yeminyaka emibili noma * -30 000km ne-warranty yeminyaka emithathu noma * -100 000km.