IMOTO: BMW X4

I-BMW yethule iX4 entsha ethuthukiswe indlela ehamba ngayo, ukubukeka kwayo kanjalo nobuchwepheshe efika nabo.

Bathi kusukela bethule eyokuqala le Sports Activity Coupe ngo-2014, sekudayiswe alinganiselwa ku-200 000 emhlabeni jikelele. KwaBMW baphinde bethula nezinhlobo ezintsha ezingama BMW M Performance.

Ngaphandle ikudonsa ukude ngenxa yokubukeka kwayo, ikakhulukazi i-grille yayo. Ishaya ngamalambu eLED bese kuba nama-fog lamps. Okunye okuhlukile ngayo wukuthi isiyinde ngo-81mm okuyenza ibe ngu-4 752mm, i-wheelbase ikhuliswe ngo-54mm njengoba manje isingu-2 864mm. Ububanzi bayo bandiswa ngo-37mm okuyenza ibe ngu-1 918mm.

Ngemuva iba yisibaca ngenxa yokwakhiwa kwayo sengathi yi-coupe inamalambu eLED ayisibaca.

Isho ngezinqawe ezimbili.

Inyathela ngamasondo angu-19 inch atholakala kwi- xLine, M Sport X neM Sport.

Ngaphakathi inezihlalo ezintsha ezingama sports seats futhi kusetshenziswe izinto eziseqophelweni eliphezulu ukuyakha. Ungakwazi ukuyifaka i-three-zone automatic climate control, active seat ventilation, ambient lighting, Ambient Air package, the BMW Display Key nokhakhayi lwengilazi.

Ibhuthi ungakwazi ukuyandisa isuka ku-535 litres ifinyelele ku-1 430 litres ngokulalisa izihlalo zangemuva.

Amakhasimende engakwazi ukukhetha ezinhlotsheni ezintathu zikaphethroli nezine zikadizili.

Eqhulwini lale moto kukhona iBMW M Performance iBMW X4 M40i. Inenjini eyi six-cylinder kaphethroli enamandla angu-265 kW.

Enye yiBMW X4 M40d enamandla angu-240 kW.

Kukhona ne xDrive 30d enamandla angu-195 kW, ezimbili ezingama four-cylinder zikadizili okuyi xDive25d enamandla angu-170 kW, nexDrive20d enamandla angu-140 kW, ixDrive30i eyi four-cylinder kaphethroli enamandla angu-185 kW nexDrive20i enamandla angu-135 kW.

Zonke zino-gearbox oyi-eight-speed Steptronic transmission nama-shift paddles esiteringini futhi zineBMW xDrive intelligent all-wheel drive.

Ifika neM Sport suspension nePerformance Control function. Uma uthanda ungafaka neM Sport brakes ne-Adaptive Suspension. Izinhlobo zeM Performance zifika no-20 inch light-alloy wheels, M Sport brakes neM Sport differential.

Ifika neBMW ConnectedDrive, iDrive display kwi-touchscreen esingu-10.25 inch, voice control futhi uma uthanda ungafaka iBMW Head-Up Display.

Kwezokuphepha ifika ne-Active Cruise Control ekwazi ukuyimisa nse imoto iphinde isuke, Steer and lane control assistant, Lane Keeping Assistant, Crossing traffic warning neCrossroads warning. IneParking Assistant Plus entsha ehlanganisa iTop View, Panorama View ne-3D View. IBMW X4 izotheleka eNingizimu Afrika ngasekupheleni konyaka.