TOYOTA AYGO

IHLALE ikhuzwa indaba yokuthi abantu bahlulele into ngokuyibuka kuphela bese beyacabanga ukuthi ngabe injani.

Baningi ababuka iToyota Aygo bayahlulele kodwa uma besondela eduze amathe abuyele kwasifuba. Omunye uzakwethu wake wathi uToyota ngisho ungakha ibhala ulifake uphawu abantu bazogijima bayolithenga.

Wayekusho ngesikhathi kufika okokuqala iToyota Etios engeneme ngendlela ehamba ngayo.

Ngiwakhumbulile amazwi akhe muva nje ngithola ithuba lokuhamba ngeToyota Rush engayizwa njengemoto okusamele bayisebenze ngoba iwubhavu nje obanga umsindo uma uhamba ngayo.

Nokho i-Aygo iwumncanyana okahle kakhulu, ikakhulukazi egengeni encane yasemalokishini. Baningi abebeyibuka bayeye kodwa uma ngithi abasondele eduze bethi “hawu ikahle yazi”.

Uma siqala nje ngaphandle, iyabukeka. Esihamba ngayo lapha yi-Aygo X-Play Silver. Umbala wayo mnyama bese kuthi ukhakhayi lube siliva.

Ibukeka kanje ngaphakathi iToyota Aygo. Isithombe: ROB TILL

Ngaphambili ngathi wu-X uma uyibuka futhi ngezansi kubhampa kunombala osiliva. Amalambu makhulu futhi azungezwe ngakhanya ubusuku nemini amaLED Daytime Running Lights.

Ihamba ngamasondo anama-wheel cap angu-14 inch. Ngemuva inombala osiliva kubhampa ngezansi bese kuba yisivalo sengilazi sokuvula ibhuthi.

Ebhuthini liyapho ufica khona isipele nesikhala esingengakanani sempahla kwazise vele imoto incane.

Uma ungena ngaphakathi abagibeli abadala abane bayangena futhi uyakwazi ukubampintsha nabayisihlanu.

Izinto efika nazo zihlanganisa i-touchscreen audio system futhi idlala i-USB, AUX neBluetooth. Inamawindi kagesi, remote central locking, izibuko ezihlelwa ngogesi, ne-air-conditioning.

Ngasenjinini ifika nengu-1 litre ethuthukiswe ngo-2 kW nokuyenza ifike ku-53 kW netorque engu-93 Nm. Bathi ngebanga lika-100km idla amalitha angu-4.3. Ngihamba ngayo ibidla amalitha angu-5.2 ngo-100km.

Iyimoto ekahle ukuhamba edolobheni ngoba incanyana futhi ichusha kalula. Uma uyipaka awuxakeki ngenxa yobumncane bayo.

Emgwaqeni omkhulu ibuye ikukhumbuze ukuthi inenjini encane uma isikuphoqa ukuthi wehlise amagiya uma kunyukela kodwa uma kuqondile ayinakinga.

Okuhle ukuthi iyakutshela uma sekufanele ushintshe amagiya ukuze ihambe kahle.

Ngaphakathi bazamile ukuyenza ithule

Kwezokuphepha ifika neVehicle Stability Control, Hill Assist Control, ABS neBrake Assist. Kukhona nama-airbag ngaphambili nasemaceleni futhi inendawo yokufaka isihlalo sengane.

Njengoba uDisemb ususeduze nje, iyimoto ekahle yokuthengela ingane esanda kuphasa umatric noma uma uqala umsebenzi. Uma futhi ufuna imoto yokuhamba edolobheni kwazise nophethroli umba eqolo iyimoto engakhalisi.

Inani

Aygo X-Play Silver - R 169,100

Iphuma newarranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km kanti i serive plan uyifaka uma uthanda.