I-AUDI Q8 entsha icishe ilingane neQ7 eyelamayo ngobukhulu Izithombe: DBN SPOTTER
I-AUDI Q8 entsha icishe ilingane neQ7 eyelamayo ngobukhulu Izithombe: DBN SPOTTER
I-AUDI Q8 entsha icishe ilingane neQ7 eyelamayo ngobukhulu Izithombe: DBN SPOTTER
I-AUDI Q8 entsha icishe ilingane neQ7 eyelamayo ngobukhulu Izithombe: DBN SPOTTER
I-AUDI Q8 entsha icishe ilingane neQ7 eyelamayo ngobukhulu Izithombe: DBN SPOTTER
I-AUDI Q8 entsha icishe ilingane neQ7 eyelamayo ngobukhulu Izithombe: DBN SPOTTER
I-AUDI Q8 entsha icishe ilingane neQ7 eyelamayo ngobukhulu Izithombe: DBN SPOTTER
I-AUDI Q8 entsha icishe ilingane neQ7 eyelamayo ngobukhulu Izithombe: DBN SPOTTER

UMA ufuna ukwazi ukuthi izimoto zakwa-Audi zangomuso zizoba njani, iQ8 iyimpendulo yalokho.

Sekuqaliwe vele kukhulunywa ngeQ3 entsha esendleleni futhi kuza ne-A1, A6 ne-A7.

I-Q8 yiSport Utility Vehicle (SUV) ezishaya sa-coupe. Ubukhulu bayo ngokwezinombolo bungu-4.99 meters ubude, ububanzi bungu-2.00 meters kanti ukuphakama kungu-1.71 meters. Ishiyana kancane neQ7 yakwabo.

I-wheelbase ingu-3 metres nokwenza abagibeli abahlanu bahlale ngokukhululeka ngaphakathi.

Ibhuthi ingu-605 litres kanti uma ulalise izihlalo zangemuva isikhala siba ngu-1 755 litres.

Uma iqhamuka iQ8 abantu baphenduka nayo. Ebesihamba ngayo ibinombala oGrey. Bengicabanga ukuthi ukube inombala osawolintshi ogqamile obizwa ngoDragon Orange bebezoyibuka kakhulu. Ngaphezu kokuthi bayiqaphela ngoba iyimoto eseyintsha kodwa yinhle.

Ngaphambili ishaya nge-single frame grille abathi izimoto zakamuva zakule nkampani sezizoba nayo. Bayifake amalambu abawabiza ngamamatrix LED headlights. Indlela akhanyisa ngayo “ayisilumiso” ngoba ngathi ayadweba. Nangemuva yinto efanayo nawo akhanya sakudweba.

Ezinhlangothini ithe ukuqumba yabe isiba nama-criss amanye ahamba aze aphele bese kuba namarimu angu-21 inch. Uma uthanda uyakwazi ukuthola nangu-22 inch.

Okhakhayini kunePanoramic glass sunroof.

Ngaphakathi yehluke kakhulu kunama-Audi akudala. Akukho mabhathini kunalokho i-Audi ifake iMMI touchscreen othi uma uciphiza kumele uqinise isandla ukuze ikuphendule. Lesi screen singu-10.1 inch kanti yilapho kuvela khona inkombandlela, umsakazo, yiselula uma uyixhume nge-Apple CarPlay noma nge-Android Auto, ikhamera eveza umzimba wonke nokunye.

Ngezansi kukhona esinye i-screen esingu-8.6 inch okuyilapho uhlela khona isimo sokushisa nokubanda emotweni. Uyakwazi futhi nokubhala ngomunwe, mhlawumbe, indawo ofuna ukuyibheka kwinkombandlela.

Mahle impela lama-screen kodwa ukungcola kubonakala manje. Lapho kade kuthinta khona umunwe nje uyabona.

Nabagibeli bangemuva bayakwazi ukuzisethela i-aircon futhi banezimbobo ezimbili zokushaja amaselula nge-USB. Sezizonke izimbobo ze-USB zine ukuze udlale kahle umculo oqhuma ezipikheni zeBang & Olufsen Advanced Sound System ezifika ngaphandle kokwengeza imali.

Phezu kwesiteringi kune- Audi virtual cockpit engu-12.3 inch nokuyilapho ubona khona izinto ezifana nejubane, ibanga olihambile, umculo odlalayo inkombandlela nokunye. Bekungaba kuhle ukuthi uthi ohlela kulo i-Adaptive cruise control balususe kunalokho amabhathini bawafake esiteringini.

Ebesihamba ngayo bayifake iS-line Sports package eyenza ukuthi izihlalo zangaphambili zibe ngamasports seats futhi zihlelwa ngogesi, amapedals asiliva ne-adaptive air suspension sport.

Ngaphansi kwebhonethi kukhona injini engu-3 litre TFSI enamandla angu-250 kW netorque engu-500Nm. Isebenzisa ugearbox oyi-8 speed tiptronic. Ukusuka ku-0 iye ku-100km/* kuyithatha imizuzwana engu-5.9. Inethangi elingu-85 litres kanti bathi idla amalitha kaphethroli alinganiselwa ku-8.9 ngo-100km. Ngemuva kwezinsuku eziyisikhombisa ibisebenzisa amalitha angu-13.4 ngo-100km.

Maduze kuza i-45 TDI quattro enamandla angu-183 kW netorque engu-600 Nm. Mhlawumbe yona idla kangcono udizili.

Ebesihamba ngayo bayifake i-adaptive air suspension eyenza ukuthi ihambe kamnandi. Emgwaqeni uyayihlela ukuthi ihambe kanjani njengoNormal, Dynamic, Off-Road, All-Road nokunye. Kuya ngokuthi uyifake kuphi kodwa iyehla noma iphakame ukuze izomelana nomgwaqo ehamba kuwo.

Amabhampi ayiwezweli futhi naphezu kokuthi amawindi ezicabheni awanawo ama-frame kodwa ayinamsindo ngaphakathi.

Uma isuka nokho ngiyizwe ingathi inokubambeka okuncane kodwa uma isihamba ayinankinga. Empeleni kuze kulekelele ukuthi usebenzise i-adaptive cruise control ukuze ingakuqhathi namaphoyisa ngesivinini ngendlela engazweli ngayo.

IQ8 yimoto yabantu abafuna ukuhluka futhi abathanda isitayela. Indlela eyakhiwe ngayo izokwenza abantu bayiqaphele.

INANI

Audi Q8 55 TFSI quattro R1,388,000

Ifika ne-Audi Freeway plan yeminyaka emihlanu noma * -100 000km.