Renault Kwid
UMQONDISI weTrue Price, uDarryl Jacobson, uthe abantu bazothuka uma bebona uhlu lwezimoto othi uma uzidayisa uthole enhle imali ngazo.

ITrue Price ibheka intengo yezimoto ezingamasekeni. Iqoqa ulwazi ngezinkulungwane zezimoto ezidayisa esidlangalaleni.

“Ukuze sithole ukuthi yiziphi izimoto ezidayiseka ngemali enhle, sihlaziye lonke ulwazi lwethu sase siqhamuka nohla lwezimoto ezingu-10. Lolu hla lususelwa entengweni eqondile etholakale ngokusayisa esidlangalaleni,” kusho uJacobson.

Uthe ukuthi ungayidayisa ngamalini imoto yakho kubalulekile ukuthi ukubheke uma uthenga imoto entsha.

“Ukwehla kwentengo yemoto kungenye yezindleko. Kusemqoka ngendlela eyisimanga ukubheka ukuthi ungayidayisa ngamalini imoto ngaphambi kokuthi usayine.”

Yilezi zimoto ezidayiseka kahle nokumele uzicabange uma ufuna entsha:

1. Renault Kwid

Iyimoto eshibhile yokushaya izindawo ezincanyana ngayo.

“Abathengi bakuleli bayayibheka ibhajethi kunakuqala. Uma uthenga ngebhajethi, iKwid ungayibheka,” kusho yena.

2. Toyota Etios

Uthe iToyota ingenye yezihlale zibalwa nezihamba phambili.

“I-Etios efika ngehatchback, sedan nesacross over iCross, ayihlukile kulokho. Ithembekile futhi yesekwa nayinqwaba yamagaraji.”

3. Volkswagen Polo

Uthe le moto idumile kwabayithenga iyintsha nabathenga eyisekeni.

4. Kia Picanto

Uthe iPicanto iyimoto ekahle yasedolobheni futhi enengaphakathi elibukekayo futhi iyaheha.

“Ukuyinakekela kushibhile futhi ifika ne warrnaty yeminyaka emihlanu engakalelwe amakhilomitha. Konke lokhu kuyenze yaba yimoto eyinyama.”

5. Kia Rio

IKia Rio ingenye yama-hatch athandwayo eNingizimu Afrika. UJacobson uthe abantu bayithandiswa yindlela eyakhiwe ngayo.

“Ngalokhu kungatuswa uPeter Schreyer owajoyna iKia njengenhloko yabadwebi bezimoto.”

Uthe uyishintshe kakhulu le nkampani futhi iKia ithole inqwaba yemiklomelo ngokuba seqhophelweni eliphezulu nokwehla kahle kwabayithenga iyintsha noma iyisekeni.

6. Mercedes-Benz A-Class

Uthe yakhiwe yaqina, ithule, ihamba kamanndi futhi iphephile.

7. Volkswagen Golf

UJacobson uthe iphephile, yakhiwe kahle, ivulekile futhi iyabukeka. Uthe udumo lwayo alwehli.

8. Datsun Go

Uthe njengeKwid, ikhombisa ukuba yintandokazi kubathengi abasha nabayithatha njengesekeni. Uthe kusukela ngasekupheleni konyaka odlule ngesikhathi kufakwa ama-airbag nama-ABS iyaheha.

9. Volkswagen Up

Uthe ishibhile kodwa ayibhedi.

10. Mercedes-Benz C Class

UJacobson uthe sekunesikhthi abantu beyithanda eyisekeni. Uthe ngokujwayelekile abantu bayithenga kuqala esidlangalaleni.