I-BMW M2 Competition
IZINKAMPANI zezimoto zisine zadedelana embukisweni iBeijing Auto Show, ephothulwa namhlanje eChina.

Izinkampani eziningi zikhombise ngezimoto ezicabanga ukuzakha, ama-concept kanjalo nalezo ezizotholakala ezimakethe ezahlukene maduze.

Ezinye zezimoto ezikhonjisiwe kukhona kuzo iVolvo S90 Ambience Concept, esuselwe kwiVolvo S90 Excellence. Yize inkulu kodwa ilayisha abagibeli abathathu ukuze umgibeli ongemuva anethezeke aphumule uma ehamba.

I-BMW igadle ngeBMW Concept iX3 esuselwe kwiX3 kodwa yona ihamba ngogesi. Kuthiwa ikhiqiza amandla angaphezulu kuka-200kW futhi ikwazi ukuhamba ibanga elingaphezulu kuka-400 km.

Izokhiqizwa eChina ngo-2020.

Iphinde yethula neBMW M2 Competition enenjini eyi-3 litre eyi six-cylinder in-line engine M TwinPower enamandla angu-302 kW ne-torque engu-550 Nm.

Kuleli izoqala ukutholakala ngoSepthemba kulo nyaka.

IMercedes-Benz nayo ikhombise ngezayo izimoto okubalwa kuzo i-A-Class L Sedan, Vision Mercedes-Maybach Ultimate Luxury neMercedes-Benz C-Class Sedan.