NISSAN NAVARA
KUFANELE ukuba zehle njengoju kubathandi beNissan Navara izindaba zokutheleka kwedonsa ngamasondo amabili i-4x2.

Phela lokhu kusho ukuthi kulabo abebengenawo amandla okuyithenga sekuzokwehla umthwalo ngoba yona ithe ukushibha kunebikhona eyi-4x4.

Kungenzeka futhi kube nomthelela omuhle ezibalweni zokudayisa le moto njengoba ngenyanga eyedlule kudayiswe ezingu-129.

INissan Navara 4x2 Double Cab ifike ngesikhathi cishe esingangonyaka kwethulwe eyi-4x4 ngonyaka owedlule nesabika kabanzi ngayo kuleli phephandaba.

Indlela ebukeka ngayo ibukeka ifana ne-4x4 umehluko yikho ukuthi idonsa ngamasondo amabili kuphela.

Ukuphakama kwayo kungu-229mm, ikhanyisa ngamalambu eLED ngaphambili, ine dual-zone air conditioner, cruise control, inama-socket angu-12V amathathu ngaphakathi, isibuko saphakathi nendawo siyazidima, inama-airbag ayisikhombisa ahlanganisa neyedolo kumshayeli, ineBluetooth neNavigation, idlala iDVD, VCD, CD, MP3 neMPEG4, ifaka i-USB, inamabhathini esiteringini futhi dunyiswa ngebhathini.

Ngaphakathi isikhala sivulekile okwenza abashayeli bahlale kahle kanjalo nesikhenke sikhulu ngemuva.

Ngaphansi kwebhonethi ishaya ngenjini etholakala kwi-4x4 eyi-2.3 litre twin turbo enamandla angu-140 kW netorque engu-450 Nm.

Idonsa ngo-gearbox oyi six-speed manual noma oyi seven-speed automatic. Amandla ayo enza ikwazi ukudonsa umthwalo ongafinyelela ku-3.5 tons.

Okunye abangakushintshanga kwaNissan yi-suspension yayo eyenza ukuthi ihambe sengathi yiSUV. Le suspension yangemuva yi-coil spring five-link rear suspension.

Amanani

Nissan Navara 2.3 4x2 SE DC MT - R457 900 (incl. VAT)

Nissan Navara 2.3 4x2 SE DC - AT - R471 900 (incl. VAT)

Nissan Navara 2.3 4x2 LE DC - R519 900 (incl. VAT)

Nissan Navara 2.3 4x2 LE DC + Leather seats - R532 900 (incl. VAT)

Nissan Navara 2.3 4x2 LE DC AT - R538 900 (incl. VAT)

Nissan Navara 2.3 4x2 LE DC AT + Leather seats - R551 900 (incl. VAT)

Nissan Navara 2.3 4x4 SE DC MT - R523 900 (incl. VAT)

Nissan Navara 2.3 4x4 LE DC MT - R573 500 (incl. VAT)

Nissan Navara 2.3 4x4 LE DC MT + Leather seats - R586 500 (incl. VAT)

Nissan Navara 2.3 4x4 LE DC AT - R594 900 (incl. VAT)

Nissan Navara 2.3 4x4 LE DC AT + Leather seats - R605 900 (incl. VAT)

INissan Navara 4x2 DC ifika ne-warranty yeminyaka eyisithupha noma * -150 000km ne-service plan yeminyaka emithathu noma * -90 000km.