BAHLEKA bodwa abeVuma FM ngokubamba inkakha yomsakazi uChilli M ozobamba inyanga ekulo msakazoIsithombe: FACEBOOK/CHILLI MASINGA
INKAKHA yomsakazi esizakhele udumo ngezigemegeme ezishiya abaningi bebambe ongezansi, uzosebenza inyanga yonke kwiVuma FM.

UChilli M odume ngokuba nezigemegeme embonini yezokungcebeleka, uqale ukusebenza ngoMsombuluko kulo msakazo ozinze eMhlanga.

Okhulumela iVuma FM, uTee Van Heerden, uthe bajabule ngokuba noChilli M.

“UChilli M akaqashiwe ngokuphelele. Uzohlala inyanga eyodwa ebambe isikhala sikaNtobeko “The Voice” Mabika osekhefini lenyanga yonke,” kusho uTee.

UTee uqhube wathi uChilli M uzosebenza uhlelo lwasemini iYour Lunch Date engena ngo-12 kuya ku-3 ntambama.

NgoMsombuluko uChilli M obuye aziwe ngelikaDaddy, wethulwe ngokusemthethweni kulolu hlelo njengebamba.

Imizamo yokuthola ukuphawula kukaChilli M ayiphumelelanga.

Lo msakazi uzakhele udumo ngokusebenza kwiYfm, Metro FM, Ukhozi FM ne-East Coast Radio.

Uzokhumbuleka ngokukhihla isililo emsakazweni esasakaza iNdiza Nathi noMroza Buthelezi kuKhozi FM ethi izinsuku zokuphila emhlabeni sekuseduze ziphele.

Wayekhalisa wumbiko ayesanda kuwuthola kodokotela owawuveza ukuthi isibindi sakhe sidlavazwe amankwebevu.