UYELULAMA uCriselda Dudumashe kulandela ukuveza kwakhe ukuthi cishe washona ngenxa yokugula

UBONGE uMdali usaziwayo osinde sekuvalwe amehlo ngemuva kokulaliswa esibhedlela.

UCriselda Dudumashe, ophinde aziwe ngokuba yisishoshovu samalungelo abantu abaphila neHIV, uveze lezi zindaba ngoLwesine wathi ucishe wendela koyise mkhulu.

“Angiphilile neze bakwethu. Cishe kwangenela ukufa. Odokotela baphinde bathola isifo esingamahlalakhona,” kusho uDudumashe.

Yize eveza ukuthi kutholakale isifo esisha kodwa akasidalulanga. Uthe usizo olusheshayo lodokotela lumsizile. Unxuse abantu ukuba bagweme izinto ezingadala ukhwantalala nezingabeka impilo yabo engcupheni ngoba impilo iyigugu.

UDudumashe uthe ngesikhathi elele embhedeni wasesibhedlela angasidalulanga, ubonge uNkulunkulu ngokumupha esinye isikhathi sokuphila.

“Ngiyabonga Jehovah ngomusa wakho. Impilo iyigugu.”

Ezinkundleni zokuxhumana baningi abantu abathumele imilayezo yokuqinisa idolo kulo saziwayo.

Phakathi kwabantu abazwelane noDudumashe, kubalwa uKuli Roberts, Yvonne Chaka Chaka, Pumza Nohashe nabanye.

UDudumashe uhlonishwa kakhulu ngokungafihli isimo sakhe sempilo njengoba ehaqwe yisandulela ngculazi.

Uphinde asize abaningi ababhekene nezingqinamba empilweni ngokwethula izinkulumo ezikhuthazayo. Ngenyanga edlule uDudumashe ushiye kwezokusakaza ngemuva kokuyibamba iminyaka engu-14. Usebenze eziteshini zemisakazo okubalwa kuzona iSAfm neMetro FM ukukha phezulu.