KUBE nomsindo ezinkundleni zokuxhumana abantu befuna kubuye uDJ Fresh ohlelweni lwasekuseni kwiMetro FM Isithombe: TWITTER
ABALALELI beMetro FM, sebesabise ngokuyiduba uma engabuyi ngokushesha umethuli wohlelo lwasekuseni uDJ Fresh.

Sekuphele isonto lonke uDJ Fresh engezwakali ohlelweni iFresh Breakfast ayethula noRelebogile Mabotja.

UFresh wamiswa kulo msakazo ngemuva kokuvela kwezindaba zokuthi kube khona umlaleli ofake isikhalo kwiBroadcasting Complaints Commission of South Africa (BCCSA).

Lesi sikhalo sivela ngokuthi wabiza igama elithi msuneri, elisukela egameni lesiZulu, eliyinhlamba elithi msu#$.

ISABC yaveza ukuthi uDJ Fresh izomumisa isikhathi esingangenyanga njengoba atholakala enecala.

Izolo kube nomsindo ezinkundleni zokuxhumana njengoba abantu beqale isiqubulo esithi #BringBackDJFresh.

Ngaphansi kwalesi siqubulo abantu bebeveza izinto ezehlukene okukhona kuzo ezithi lo msakazi akabuye ngoba uhlelo alusenzi kahle.

Abanye bebeveza ukuthi uma uDJ Fresh engabuyi ngokushesha bazosiduba isiteshi.

UDr Sanele B. Gumede uthe: “IMetro FM iyasidelela kusuka ngesikhathi ishaya ngesithende uSammy T, Glen Lewis noPaul Mtirharha, manje sebethela usawoti esilondeni ngokuhambisa uDJ Fresh.”

UMallane Teboho Eric uthe: “Uhlelo iFreshBreakfast aluphelele ngaphandle kukaDJ Fresh, siyacela kwiMetro FM ukuthi ibuyise lo msakazi.”

U-Cuedeep uthe: “Buyisani uDJ Fresh noma nilahlekelwe abalaleli futhi mina ngiyoba ngomunye wabo.”

UDee Kay uthe: “Buyisani uDJ Fresh kodwa mina sengiyagcina ukulalela lesi siteshi ngiyobuya kusona uma naye esekhona.”

Ukuhamba kwalo msakazi akuthintanga abantu bakuleli kuphela kodwa nosaziwayo baphawulile ngalesi siteshi.

UBonang ufanise iMetro FM nesihogo okusebenzeka kanzima kusona.

“Bahlale bethi abaphathi bakhona siyokwenza isibonelo ngawe. Konke okushiwo ngalesi siteshi kuliqiniso,” kuchaza uBonang.

Okhulumela iSABC, uVuyo Mthembu, uthe bona njengeSABC basamile esinqumeni abasithathile sokumisa umsakazi.

“Okwamanje uDJ Fresh usamiswe inyanga esiteshini, okushiwo ngabantu ngeke kushintshe esinqumeni esikhona manje,” kusho uVuyo.

Kwenzeka lokhu nje nasemsakazweni Ukhozi FM umethuli wohlelo lwasekuseni uNongcebo Mckenzie akezwakali kulezi zinsuku.

UNongcebo kuvela ukuthi umisiwe ngemuva kokuziphakamisa wangasamukela ngendlela esinye isikhulu esasizoba nenkulumo ngxoxo kulo msakazo.

UVuyo uthe nodaba lukaNongcebo lusadingidwa akakabi nalo ulwazi lokuthi uzobuya nini embhobheni.

Kwenzeka lokhu nje iSABC isanda kuveza ukuthi idinga uR3.6 billion kuhulumeni ukuze inqande ukuthi ingavalwa le nkampani engumsakazeli womphakathi.