BAFUNA ukugqugquzela abantu ukuthi bathenge imikhiqizo yakuleli ngekhalenda labo abaphathi boKhozi FM, abasakazi balo abaswenke ngemisiko yaseNingizimu Afrika.

Ikhalenda lizophuma kwiSolezwe ngesonto elizayo ngoLwesithathu.

IMenenja yezokuMaketha kuKhozi FM, uSbongi Ngcobo, uthe kulo nyaka bafuna ukukhombisa ukuthi Ukhozi lusesitayeleni.

“Sisebenze nabasiki bengqephu abamnyama kwabesifazane. Sisebenze ne-Igoda Incubator ethatha abasiki abamnyama abasebancane ibaqeqeshe bese ibabeka ezingeni lokuthi bathungele izitolo ezahlukene. I-30 on Marriot (isitolo sabasiki bengqephu) enalezi zingqephu, iphethwe ngumuntu omnyama futhi sifuna ngempela ukugqugquzela abantu ukuthi bathenge okwakuleli,” kusho uSbongi.

Uthe bayachichima yinjabulo ngekhalenda labo.

“Abasakazi bakuthokozela ngempela ukuqopha nokubona umphumela. Sijabule kakhulu futhi sibusisiwe ngokusebenza ne-graphic designer enethalente eliyisimanga, uBruce Ngobeni, nomthwebuli wethu, uNolwazi Shange, oshaye izithombe ezinhle.”

Ikhalenda lashuthwa ngoDisemba. Kulokhu umsakazo ugubha impilo yowayengumengameli waseNingizimu Afrika owashona ngo-2013 uDkt Nelson Mandela.

Unyaka ngowokubungaza impilo yakhe ngoba ukuba usadla anhlamvana ubezobe ehlanganisa iminyaka ewu-100.