ISABC imemezele ukuthi u-Udo Carelse (osesithombeni) nguye ozokwethula uhlelo olusha lwezemidlalo kuMetro FM
KUZOGQANYISWA nabesifazane ohlelweni olusha lwezemidlalo kwiMetro FM oluzongena esikhaleni sobelushayelwa nguRobert Marawa.

UMarawa wayethula iMetro FM [email protected] ngo-6 ebusuku ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu. UMarawa neMetro bahlukana ngasekuqaleni kwenyanga eyedlule.

Uhlelo olusha luzobizwa ngeThe Ultimate Sports Show (TUSS). Luzokwethulwa ngu-Udo Carelse ngoMsombuluko, uLwesibili, uLwesithathu nangoLwesihlanu. NgoLwesine luzokwenziwa nguMpho Maboi.

Uhlelo, ngokwesitatimende, luzobe lugxile kwezemidlalo ezehlukene. NgoLwesine uMpho uzobe egxile kakhulu kwabesifazane nomthelela abanawo kwezemidlalo.

Umphathi-siteshi weMetro FM, uSibongile Mtyali, uthe bajabule kakhulu ngohlelo lwezemidlalo olusha.

“Abalaleli bethu bangalindela konke okuthinta ezemidlalo izinsuku ezinhlanu ngesonto,” kusho uSibongile.

Uthe bayamemukela u-Udo emndenini wabo weMetro FM.

“Ufika nolwazi olunzulu futhi angathatha uhlelo lwezemidlalo alubeke kwelinye izinga,” kusho uSibongile.

Uthe bajabule futhi ngoMpho ukuthi uzongena ngoLwesine. Uthe bayathemba ukuthi uzokwazi ukumelana nale nselelo.

Selokhu uMarawa ahamba, u-Udo noMpho sebake balubamba uhlelo lwezemidlalo ntambama. Isolezwe NgeSonto labika ukuthi kukhonjwa u-Udo ekuthatheni izintambo kuMarawa. Kuke kwaba namahlebezi okuthi uMarawa angase abuyele kuMetro kodwa uwachithile lawo mahlebezi.

Laba bobabili bazoqala ohlelweni lwabo olusha ngokusemthethweni ngo-Agasti 21 ngo-6 kuya ku-7.30 ebusuku.