UMA kuya ngokwamahlebezi asesabalele * -Udo Carelse nguyena msakazi ozongena esihlalweni esisale kuxoshwa uRobert Marawa kuMetro FM ohlelweni lwezemidlalo

ANGASE aqale ukuzwakala ngoMsombuluko (namhlanje) emoyeni umsakazi omusha u-Udo Carelse ozosakaza ezemidlalo kwiMetro FM ezingena ngo-18.00 kuya ku-19.00 ebusuku.

U-Udo kuthiwa nguyena ozothatha uhlelo obelwenziwa wuRobert Marawa.

UMarawa ukhonjwe indlela ngesonto eledlule ngemuva kokulova angabiki emsebenzini. Uhlelo i-083Sports With Robert Marawa belubanjwe nguMpho Maboi.

Ukuxoshwa kukaMarawa kuqinisekiswe ngokhulumela iSABC uMnuz Kaizer Kganyago.

Ngokwemibiko esavele kuthiwa uMarawa ubengazi ngokuxoshwa kwakhe, kodwa uzwe esebuzwa ngabezindaba. Kuthiwa iSABC ithumele incwadi yokumxosha kubameli bakhe.

U-Udo useke wenza ezemidlalo eku-702, SABC nakwiSupersport.

Ubeshade no-Andile Gaelisiwe ongumethuli wohlelo uKhumbulekhaya kwiSABC1 ngoLwesithathu.

Maqondana no-Udo uKganyago uthe akukho angakusho ngozongena kulesi sikhala.

“Sizocela ukuth nilinde kuze kube sikhipha isimemezelo esisemthethweni kwabezindaba.

“Okwamanje sisathokozile ngomsebenzi omuhle owenziwe nguMpho osiphathele uhlelo,” kusho uMotaung.

Phambilini uTbo Touch wake waveza ukuthi unenkontileka esayiniwe kaMarawa yokusebenza esiteshini somsakazo wakhe iTouchHD.

Ngesikhathi esohlelweni lwasekuseni lukaSakina Kamwendo esiteshini iSA FM uthe yena nethimba labameli bakhe bakholelwa wukuthi kuzogcina bona enkantolo.

* Khonamanjalo, uBeverly Maphangwa onguphrojusa obesebenzisana noMarawa uyabuyela ngoMsombuluko (namhlanje) emsebenzi.

UMarawa udikile umsebenzi ngenxa yokuzwelana noMaphangwa omiswe emsakazweni isigubhukane ngenxa yokudlala inkulumo kaSizwe Mabena weSupersport eyizimbangi zeSABC.