OWAYENGUMSAKAZI weMetro FM uRobert Marawa uthe ziningi iziteshi ezimfunayo kodwa akukho akujahile.Isithombe: ITUMELENG ENGLISH, INLSA
OWAYEYISILOMO somsakazi okwagqabuka igoda lokusebenzisana phakathi kwakhe neMetro FM, uRobert ‘’Madluphuthu” Marawa, uthe miningi imisakazo emfunayo.

UMarawa wayesakaza uhlelo i-083 Sports ngo-6 ntambama phakathi nesonto. Njengamanje kuleso sikhala sekunohlelo iThe Ultimate Sports Show eyethulwa ngu-Udo Carelse noMpho Maboi ngoLwesine.

“Agifuni ukunqaba noma ukuvuma ukuthi ngingabuyela eSABC. Zikhona nezinye iziteshi ezingifunayo kodwa angijahile. Angifuni ukuya esiteshini sesifunda mhlawumbe saseLimpopo, eKZN noma eKapa ngoba lokho kuzolimaza abantu. Ngifuna esifinyelela ezindaweni eziningi,” kusho uMarawa.

“Uzokwazi ngaphambi kokuphela kwesonto ukuthi iyiphi indlela engiyithathayo,” kusho uMarawa.

Uthe uzwile ukuthi kukhala abaningi ngokungezwakali kwakhe emsakazweni.

“Ngiyazi ukuthi kukhona i-petition ekhona yokuthi ngibuye, ngiyakwazi konke okuqhubekayo. Babethi bayaqeda ngami kodwa kwahlukumezeka abalaleli. Mina ngeke ngihlukunyezwe yizinqumo ezathathwa ngabantu abakhohlakele,” kuchaza uMarawa.

I-petition, ekhona ku-www.ipetitions.com akucaci ukuthi iqalwe ngubani kodwa isinabantu abayesekayo abangu-142. Ngokombhalo okuyo kufunwa abantu ukuthi bayisayine ukuze ihanjiswe ebhodini leSABC. Inhloso yayo wukuthi kube abantu abangu-1 000 abazosayina.

UMarawa uthe abalandeli bakhe abangalilahli ithemba ngoba ekugcineni iqiniso lizovela. Yize engasazwakali emsakazweni kodwa abalandeli bakhe basambona kwithelevishini ethula izinhlelo ezehlukene zemidlalo kwiSuperSport (DStv).