USphectacula noNaves abaza namava kwezomsakazo kwiGagasi FM. Isithombe: SITHUNYELWE
ZIQALILE ngoLwesine izinguquko zomsakazo iGagasi FM kwazise sekuyisizini entsha kulo msakazo.

Ushintsho olukhulu ngicabanga ukuthi lwenzeke ohlelweni lwantambama phakathi nesonto. Bekungena uTrevor Phillips (TP) noThandolwethu Ngidi kanti manje sekungena uSphectacula noDJ Naves abebekwiMetro FM.

UThandolwethu uwelele komakhelwane i-East Coast Radio. Le ntokazi eyake yasebenza nakwi-5 FM, manje yethula i-East Coast Love Songs ngoMsombuluko kuya kuLwesine ngo-9 kuya ku-12 ebusuku. Kufakazela engakusho ngeledlule ukuthi isikimu siqiniswa ngisho ebusuku emsakazweni ukuze kusizakale nabalaleli abangalele.

Ngicabanga ukuthi iGagasi lizozuza lukhulu koSphectacula noNaves ngenxa yokuthi bangosaziwayo futhi umsakazo bayawazi. Bafika nenqwaba yabalandeli benjalo nje. Phela laba bantu bebesakazela omunye wemisakazo emikhulu kuleli futhi babonakala nakwithelevishini kwazise banohlelo i-1s and 2s ku-SABC1 ngoLwesibili ngo-9 ebusuku.

Bheka ngoba kwiTwitter uSphectacula unabalandeli abangu-183 000 kwi-Instagram babe ngu-107 000. UNaves yena bangu-157 000 kuthi kwi-Instagram babe ngu-62 100.

Babashiya ngamalengiso abasakazi beGagasi “abadumile” ngoba uMzokoloko nje kwiTwitter bangu-65 400 kuthi kwi-Instagram babe ngu-24 900.

Uyacabanga nje ukuthi laba bantu abalandela uSphectacula noNaves ezinkundleni zokuxhumana uma bangase bavule iGagasi izibalo zinganyuka kanjani. Inkinga sekuyoba yikho ukuthi abanye akusibo abaseKZN nokungaba yinkinga ukulalela iGagasi. Kodwa phela liyadlala nge-internet futhi liyatholakala nakwi-Open View HD.

Kungijabulisile ukuthi uFelix Hlophe noDJ Le Soul banikezwe uhlelo lwasemini phakathi nesonto ngo-12 kuya ku-3 ntambama, iMidday Shandis.

Okungijabulise kakhulu ngalolu shintsho wukubona ukuthi iGagasi liyazakhela lona izilomo ngoba uLe Soul ukhulele khona esakaza ebusuku njengoba namhlanje esengena emini. UFelix unamava emsakazweni futhi unamancoko. Ama-prank call akhe amnandi uzowakhumbula nakuKhozi FM.

Ngiyasincoma nesinqumo sokubuyisela uKing Sfiso ohlelweni lwangoLwesihlanu ebusuku kusukela ngo-7. Phambilini bekungena uLe Soul ngalesi sikhathi kodwa manje uSfiso usengena noZola Zeelovin.

USfiso ungena khaxa kulolu hlelo ngoba umculo, ikakhulukazi i-house yinto yakhe futhi bayamhlonipha. Ukwazi ukuthola ama-mix oDJ abehlukene njengoBlack Coffee okuyinto eyenzeke ngoLwesihlanu olwedlule.

Ngicabanga ukuthi kube yizinguquko ezinhle ezenzeke kwiGagasi.

Ungangibhalela [email protected], kuTwitter @fanelebengu noma kwi-Instagram @fanelebengu