U-Alex Mthiyane weGagasi FM noPatrick Bogatsu weVuma FM abangabanye abebekhona ngesikhathi kwethulwa esithangamini sabezindaba ama-Liberty Radio Awards eProtea Hotel eMhlanga
Isithombe: SIBONELO NGCOBO
U-Alex Mthiyane weGagasi FM noPatrick Bogatsu weVuma FM abangabanye abebekhona ngesikhathi kwethulwa esithangamini sabezindaba ama-Liberty Radio Awards eProtea Hotel eMhlanga Isithombe: SIBONELO NGCOBO

BAZOMENYEZELWA ngoMashi 22 abaqokelwe emiklomelweni yemisakazo, amaLiberty Radio Awards akulo nyaka.

Lokhu kuvele izolo ngesikhathi isikhulu sale miklomelo uLance Rothschild obehlangene nabemisakazo eyahlukene ehhotela eMhlanga. Ubezobachazela kabanzi ngokumele bakwenze ukuze babe sethubeni lokuqokwa. Le miklomelo eyaqala ngo-2010 ngaleso sikhathi isabizwa ngamaMTN Radio Awards, ngonyaka owedlule ayibanga khona ngenxa yokuhoxa kukaMTN.

ULance uthe ukungena kuvulwe ngonyaka odlule, kuzovalwa ngoJanuwari 31. NgoFebhuwari 13 amajaji ayobe eseqala esehlunga.

“Abawinile bazomenyezelwa emcimbini ozoba se-Emperors Palace, eGauteng,” kusho uLance.

Kule miklomelo kusuke kuklonyeliswa abenza imisebenzi eyahlukene emisakazweni kusukela kubasakazi, abadidiyeli, abethula isimo somgwaqo nabanye. Kungenela imisakazo engenisa inzuzo, eyomphakathi (PBS) nesakazela imiphakathi eyakhelene neyasemanyuvesi. ULance uthe esakaza ku-internet ayivumelekile. Abafuna ukungenela uthe kumele bavakashele i-website yabo (www.libertyradioawards.co.za) ngoba kungenelwa kuyo kuphela. Uthe njengoba bebengenayo imiklomelo nyakenye, abantu bengangenela ngemisebenzi abayenze kusukela ngoJanuwari 1 ka-2015 kuze kube wuDisemba 31 wonyaka odlule. Ngonyaka ozayo kodwa kuyobe kubhekwe imisebenzi yakulo nyaka kuphela.

Uthe abantu ababehluleli ngokuthi bayabazi ukuthi bangabasakazi abanjani kodwa babehlulela ngento abayithumelile.

ULance uveze nokuthi bajabule ngobudlelwano babo neLiberty nokuthi imiklomelo ibuyile. Esithangamini abenaso bekukhona uMimi Kesaris, Phinda Magwaza no-Alex Mthiyane beGagasi FM, Patrick Bogatsu weVuma FM nabanye abebemele eminye imisakazo.