KULINDELEKE kube wongaphansi nongaphezulu ngesonto elizayo sekuqulwa icala elithinta umpetha womhlaba kwi-800m uCaster Semenya, omangalele inhlangano eyengamele ezejubane, i-International Association of Athletics Federations (IAAF) okuvela ukuthi ifuna lo mgiijimi wakuleli “athathwe njengomuntu wesilisa”.
Lokhu kuqhamuke emibikweni yamaphephandaba ase-England esabalalise okomlilo wequbula izolo, lapho ibicaphune okuthiwe ngamanye amaphuzu i-IAAF ezimisele ukugadla ngawo uma sekuqala icala ngoMsombuluko.
USemenya ehambisana nenhlangano yezokusubatha kuleli i-Athletics South Africa (ASA), bamangalela i-IAAF esiphasise umthetho wokuthi abagijimi besifazane imizimba yabo ekhiqiza i-testosterone eyisikali esingaphezulu kwesejwayelekile kwabesimame, kumele badle imishanguzo uma befuna ukuqhubeka nokuncintisana nabanye abagijimi ku-400m kuya ku-1500m.
La mabanga yilawo agijinywa uSemenya ongumpetha womhlaba nowama-Olympic kwi-800m.
Umthetho we-IAAF bekumele uqale ukusebenza ngoNovemba 1 nyakenye kodwa wahlehla ngemuva kokuthi uSemenya efake udaba kwiCourt of Arbitration for Sport (CAS). Ngokwesitatimende saphambilini kulindeleke ukuthi iCAS ikhiphe isinqumo ngodaba ngoMashi 26.
Izolo okhulumela i-ASA uSifiso Cele, ebuzwa ngale mibiko ebisabalele, uthe: “Sizwile ngaleyo mibiko ephume e-UK (United Kingdom) kodwa okwamanje akukho esizokuphawula.”
Ngokuthola kweSolezwe, i-ASA ngokubambisana nomnyango wezeMidlalo kuleli, usuvele usulithumele ithimba labo lezomthetho eLondon eliyotholana phezulu nele-IAAF.
“NgoMsombuluko kulindelwe ukuthi i-IAAF, ASA nethimba likaCaster benze izethulo zabo. Kuzocaca lapho ukuthi udaba luzoqulwa isikhathi esingakanani,” kusho umthombo osondelene nalolu daba.
I-IAAF ikhiphe isitatimende iphika ukuthi ithe ifuna uSemenya ahlulelwe njengowesilisa.
“I-IAAF ayibahluleli abagijimi abaneDSD (Differences of Sexual Development) njengabesilisa. Kunalokho siyabamukela ubulili babo obusemthethweni ngale kwemibuzo futhi bavumelekile ukugijima nabesifazane. Kodwa uma umgijimi oneDSD enembewu yobudoda futhi ekhiqiza i-testosterone esezingeni labesilisa okwenza babe nesigubo esiqinile ukwedlula abanye besifazane, ukuze kube nobulungiswa uma bencitisana nabesimame kufanele bayehlise i-testosterone yabo,” kusho i-IAAF.
USemenya okungenzeka leli cala liphazamise amalungiselelo okuyoyibamba kwi-IAAF World Champions eseDoha, eQatar ngoSepthemba, uke wawadla amaphilisa okwehlisa i-testosterone ngemuva kuka-2009 bekade beyomhlola ubulili bakhe.
Ngokusho kukaMichael “Sponge” Seme owahlabana naye ngesicoco somhlaba eBerlin, eGermany ngo 2009 yamgulisa kanzima imishanguzo okwenza wangakwazi ukushaya izikhathi ezinhle. Uveze ukuthi eseziyekile ngo-2015 wabuyela ezingeni lakhe nokwathela izithelo zokuthi angehlulwa kuze kube manje kwi-800m.