KULINDELEKE ukuthi usihlalo weBloemfontein Celtic, uMax Tshabalala, acacise ngoLwesihlanu ngekusasa leqembu elilokhu liqhubekile nokuhaqwa yindaba yabadlali abangaholi.
Ngesonto eledlule kuvele ukuthi uthe umqeqeshi uSteve Komphela efika ejimini wafica kukhala ibhungezi abadlali bengabonwa.
Bebetelekele ukuthi kukhona ozakwabo abangaholanga.
Umengameli weSouth African Football Player’s Union (Safpu), uThulaganyo Gaoshubelwe, uthe ngempelasonto edlule uhlanganile noTshabalala nabadlali ukubhunga ngalolu daba.
NgoMsombuluko ekuseni abadlali babuyele ejimini.
“Umhlangano uhambe kahle abadlali sebebuyele emsebenzini. Abanye babo bebengakhokhelwe, ozakwabo base benquma ukuzwelana nabo ngokuthi bateleke.
“Usihlalo uveze izinto ezimbili kodwa wathembisa ukwenza konke okusemandleni ukuze abadlali bathole imali yabo. Uthe kuphakathi kokuthi iqembu lithola abaxhasi noma liyadayiswa.
"Uthe ngoLwesihlanu uzobe esekwazi ukusicacisela ukuthi yikhona kuphi okuzokwenzeka,” kusho uGaoshubelwe.
Uthintiwe uTshabalala ukuthola uhlangothi lwakhe kodwa wathi akukhulunywe nesikhulu esiphezulu uKhumbulani Khonco.
UKhonco ucingo lwakhe alungeni luthatha imiyalezo kuphela kusukela ngesonto eledlule.
UGaoshubelwe uthe uma kudayiswa iqembu kuzomele kucace ukuthi kuzokwenzekani ngezinkontileka zabadlali okumele baholelwe nasekupheleni kwale nyanga.
MAX TSHABALALA
“Ukudayisa akuyixazululi inkinga ngoba esikuzwayo wukuthi abafuna ukuthenga bafuna isicucu sokudlala kuphela kabazimisele ukuthenga yonke into okuhlanganisa nabadlali.
"Mhlawumbe sekuyisikhathi sokuthi iPSL (Premier Soccer League) yenze ucwaningo olunzulu ngalabo abasuke bethenga amaqembu ibheke ukuthi bami kanjani ngasemalini ngoba lokhu okwenzeka kwiCeltic kusengenzeka nakwamanye amaqembu.
"Kumele kube khona indlela yokuvikela izinkontileka zabadlali.”
Ukuteleka kwabadlali akuqali kwiPhunya Sele Sele.
Ngesizini edlule kwenzeke kwaze kwaba yikabili bekhala ngakho ukungaholelwa.
Ngaleso sikhathi uTshabalala washo ukuthi sekuyasinda ukuthwala izindleko zeqembu selokhu kwashiya abaxhasi iMTN, wonke umthwalo ususemahlombe akhe.
Ekupheleni kwesizini uveze ukuthi iqembu uyalidayisa kodwa kuze kube yimanje akucaci ukuthi zihamba kanjani lezo zinhlelo.