KUSENGAPHENDUKA amatafula kwi-Group A yeCaf Champions League, ngokusho komqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso “Jingles” Mosimane, iqembu lakhe eliphinde lakhombisa izimpawu zokuba buthaka ekuhambeni licazelana amaphuzu ne-Asec Mimosa ngoLwesibili e-Abijan, e-Ivory Coast.
Ngemuva kwemidlalo emine, iWaydad Casablanca neSundowns bazihola phambili ngamaphuzu ayisikhombisa kuthi iLobi Stars ne-Asec balandele ngamaphuzu amane. ISundowns isalelwe umdlalo wasekhaya neLobi bese ivala ngowompetha eMorocco. IWydad imelwe ukuvakashela e-Abidjan ngaphambi kokuqeda neSundowns ekhaya.
Ngokusho kukaMosimane, iWaydad ngeke iwuthole kalula umphumela ezobe iwuyele e-Abidjan futhi leli qembu elidlale ne-Orlando Pirates kowamanqamu wango-1995 lisengayinqoba yomibili imidlalo esele.
“Angikholwa ukuthi iWaydad izowina la! Akudlalwa la! Asikho isidingo sokuzenza isihlakaniphi ufune ukudlala ibhola elidla utshani lapha. Uma wenza lokho ubuya ulambatha. Uma uzodlala lapha kumele ube nesizotha futhi uhloniphe ngoba i-Asec akulona iqembu elincane. Indlela abashaye ngayo iLobi (Stars) ivakashele e-Abidjan ikhombisile ukuthi wonke umuntu ozoza lapha kumele abhukule, azi kahle ukuthi uze empini. Bheka nje indlela abebesithwalise kanzima ngayo. Ngineme ngephuzu futhi ngijabule ukuthi leli phuzu silithole ekuhambeni,” kusho uMosimane.
UMosimane ubona kusengenzeka imbedumehlwana kwazise iWaydad ngeke ilithole ithuba lokudlala ngendlela eyijwayele.
“Noma ngabe ubani ozoza kodlala e-Abidjan uzothwala kanzima. IWaydad iyiqembu elikholelwa ekutheni ibhola kumele libekwe phansi ngakho angiyiboni iphumelela e-Abidjan. Indlela ibhola eligqoma ngayo izobathwalisa kanzima. Indlela isifudumezi esiphezulu ngayo bazohluleka ngisho ukuhlakanipha. Liyashisa ilanga lapha futhi ngiyazi kukhona abangeke bamelane nalokhu kushisa ngoba abakwazi. Ngiyakholwa ukuthi izinto zisengaguquka eqoqweni,” usonge kanje uMosimane.
Khonamanjalo, umdlalo weNedbank Cup Last 16 phahathi kweBlack Leopards neBidvest Wits awuphelanga ngenxa yemvula. Umdlalo umiswa nje, eThohoyandou Stadium, izolo ebusuku, iLeopards ibihamba phambili ngo 1-0.
Imvula iqale ukuna sekuzoyiwa ekhefini nokuthe ngaleso sikhathi abaphathi bomdlalo banquma ukuthi ngeke usaqhubeka.