NAKUBA abalandeli be-Orlando Pirates sebethatha yonke imidlalo yaleli qembu njengethuba lokuvalelisa umqeqeshi, kodwa uJose Riveiro akafuni lokhu kubekwe phambili njengoba eZimnyama zizogadulisana neKaizer Chiefs kowamanqamu weNedbank Cup eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kusasa ntambama.
Lo mqeqeshi ozosalelwa yimidlalo emihlanu ebholeni laseNingizimu Afrika ngemuva kowamanqamu weNedbank, ubekhuluma nabezindaba eDurban North, eThekwini, izolo.
IPirates izogadulisana nezimbangi zayo ezinkulu, iChiefs, ngo-3.30 ntambama.
Njengoba sekwaziwa ukuthi uRiveiro ngeke ayivuselele inkontileka yakhe nePirates, usezosalelwa wukuphinda neLamontville Golden Arrows ekhaya ngoLwesibili, TS Galaxy ekhaya ngoMeyi 17, SuperSport United ekuhambeni ngoMeyi 20, AmaZulu FC ekuhambeni ngoMeyi 24, bese ivala ngeMagesi FC ekhaya ngoMeyi 28.
“Okuyongiphula umoya wukuthi kunakwe ukuthi kuvaleliswa mina esikhundleni sokuhlukana kahle singompetha okwesithathu kulandelana kwiNedbank,” kusho uRiveiro.
“Kumqoka ukuthi sikhumbule ngaso sonke isikhathi ukuthi le wini asiyifuneli umqeqeshi ohambayo kodwa ngeyePirates okuyiyona enkulu kunathi sonke.
“Ngiyaqonda ukuthi kukhona amarekhodi afana nenhlanhla yePirates yokudla izicoco kule nkundla yaseThekwini kodwa konke kumele kume eceleni, sibhekane ngqo nethuba eliphambi kwethu.
“Okufanele sizihluphe ngakho wukuqinisekisa ukuthi siwasebenzisa ngendlela amaqhinga okuyibamba lapho ithambe ngakhona iChiefs, bese sivula amehlo engozini esaziyo ukuthi iza nabo."
Yize iPirates iqoqe amaphuzu agcwele kwiChiefs ngeledlule kodwa uRiveiro kukhona akhale ngakho wathi akufanele bakuphinde kowakusasa.
“Akufanele sivumele iChiefs iqale ngendlela eqale ngayo ngeledlule ngoba kungenzeka singawatholi amathuba afana nalawa esiwatholile koweligi.
“Sibanike ithuba lokuqala ngamandla kokudlule kodwa kulokhu kufanele sikhombise umdlalo uqala ukuthi yithina esizibona sinethuba lokugoduka nenkomishi. Kulokhu ngibheke indluzula ekhombisa indlala zisuka.
“Lokhu ngeke sikwenze ngomlomo, kepha kufanele sizinikele ukuthi sizoyijulukela le nkomishi. Kuyoba kuhle ukuthi sihlukane kahle singompetha kunokuthi kunakwe ukuthi ubani uyahamba, bese sisusa amehlo ethu kulokhu esikuzele eThekwini,” kusho uRiveiro.
Ekuqaleni kwesonto, umqeqeshi weChiefs uNasreddine Nabi, ukubeke kwacaca ukuthi uyakwazi okumele akulindele kwiPirates kowamanqamu.
Nakuba iPirates ingakaze yehlulwe kowamanqamu ngaphansi kukaRiveiro kodwa akubuzwa ukuthi kungashintsha lokhu uma bengabaqapheli abadlali beChiefs abangaba yingozi okubalwa kubona uGaston Sirino onomlando wokudla izindebe neMamelodi Sundowns, Pule Mmodi, Thabo Cele noGlody Lilepo oshaye igoli ngesikhathi zibhekene ngempelasonto edlule. Akukho ukungabaza ukuthi laba badlali bazofuna ukujabulisa izindimbane zabalandeli beChiefs osekuneminyaka bagcina ukubona iqembu labo liphakamisa indebe.
Kubadlali bePirates okulindeleke ukuthi babhincisele nxaye iChiefs kukhona uRelebohile Mofokeng oshayele eZimnyama igoli lokuwina ngempelasonto edlule, Mohau Nkota, Patrick Maswanganyi nabanye.