ZIKHWELE kumdlali wasesiswini weBanyana Banyana, uKholosa Biyana oqokwe njengokaputeni weqembu i-University Sport South Africa (USSA) elizomela iNingizimu Afrika kwiSummer Universiade World Cup Student Games eNapoli, e-Italy.
Le midlalo ezoqala ngoJulayi 3 iphethwe ngoJulayi 14, izokwenzeka ngemuva kwesikhashana uBiyana esanda kubuya ukuyofeza iphupho lakhe lokudlala kwiNdebe yoMhlaba eqala ngempelasonto eFrance ize iphele ngoJulayi 7.
Ngempelasonto kumenyezelwe iqembu le-USSA elinabadlali abayisithupha beBanyana. Iqembu leli lizobe liphekwa yiphini lomqeqeshi weqembu lesizwe uThinasonke Mbuli.
Abanye abadlali beBanyana abazomela izitshudeni, unozinti uMapaseka Mpuru, uBongeka Gamede odlala emuva, umgadli * -Amanda Mthandi no-Ongeziwe Ndlangisa odlala esiswini.
Kubukeka unyaka * -2019 umhambela kahle uBiyana owenza iziqu zeSport Science e-University of KwaZulu-Natal. Uphuthwe yimidlalo ye-Africa Women Cup of Nations (AWCON) nyakenye lapho iBanyana ithole ithikithi elibheke eFrance. Kodwa umqeqeshi uDesiree Ellis akazange amkhohlwe embiza esikwatini selokhu kuqale unyaka naye wakwazi ukuzibonakalisa wagcina engenile eqenjini eliya kwiNdebe yoMhlaba. IBanyana izovula lo mqhudelwano neSpain ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.
Ekhuluma nabe-Safa Media, uBiyana odabuka e-Eastern Cape, uthe uke wazitshela ukuthi sekuphelile ngaye ebholeni ngenxa yokulimala.
“Angizange ngidlale kwi-AWCON ngemuva yokulimala siseChile. Lokhu kwenze izinto zanzima kimina ngaze ngazitshela ukuthi kungenzeka ukuthi sekuphelile ngami. Kodwa ngibonga ithimba labaqeqeshi ngokungeseka ikakhulukazi ukaputeni wethu (uJanine van Wyk) obelokhu engikhuthaza ngokuthi ngingalilahli ithemba. Yize bekungelula kodwa ngiqhubekile nokusebenza kanzima ngilwela indawo yami,” kusho uBiyana.
Uthe uyojabulisa okwengane encane uma engathola ithuba lokudlala kwiNdebe yoMhlaba lapho ebanga ijezi noRefiloe Jane noMamello Makhabane.
“Kungasho lukhulu ukudlala kodwa ke okumqoka wukubona iqembu lethu lidlula esigabeni samaqoqo. Uma singenza njalo ngikholwa wukuthi kungenzeka noma yini. Nakhu iCroatia (kwiNdebe yoMhlaba yabesilisa nyakenye) ikwazile ukudlala ize iyofika kowamanqamu,” kusho uBiyana.
Wethemba ukuthi izifundo abazozithola eFrance zizomsiza uma esehola iqembu kumaWorld Student Games.