ZIYIHAMBELA kahle izinto iTS Galaxy eshaye iCNaPS Sport yaseMadagascar ngo 1-0 emdlalweni womlenze wokuqala weCAF Confederations Cup izolo eMbombela Stadium.
IGalaxy edlala kuGladAfrica Championship, ibhakuzise inethi ngomzuzu wesihlanu, okube yigoli elishaywe umdlali wasesiswini uSanele Barns. Leli qembu eliphekwa uDan Malesela, lizibekisele ethubeni lokudlala emidlalweni womzuliswano wesithathu, okungeyokuhlungela eyamaqoqo eCAF Confed Cup. Lomdlalo uphele kungasekuhle njengoba isethenjwa seGalaxy uSihle Nduli siphume sesilimele ngomzuzu ka-67.
IGalaxy izibekisele ngendawo kulomzuliswano emuva kokwehlula iSaint Louis Suns United yaseSeychelles ngo 2-0 uma sekuhlanganiswe imiphumela yemidlalo yomibili.
Emdlalweni womlenze wesibili obuseSeychelles, iGalaxy ikhale ngempatho embi eyithiole kuleli qembu njengoba yaqashelwa ibhasi elincane elingakwazanga ukuthatha bonke abadlali kanye nethimba labaqeqeshi.
Ngesikhathi sekhefu leFIFA, iqembu likaMalesela lidle isicoco seNedbank Ke Yona Challenge emva kokushaya iNedbank Ke Yona Team ngo 2-1 eKameelrivier Stadium.
Iqembu lokugcina elashaya into ecokeme yize lidlala esigabeni sesibili kwaba yiBlack Leopards ngonyaka ka-2012, eyahlulwa emdlalweni owandulela kweyamaqoqo yi-Al Merreikh. Ngaleso sikhathi, iLeopards yayisaphethe uju lwabadlali okubalwa kubo uDavid Zulu, Rodney Ramagalela noTiyani Mabunda osegijima kwiMamelodi Sundowns.
Kwezinye ezithinta imidlalo yeCAF, akubethusanga abalandeli abaningi bebhola ukuhlulwa kweBidvest Wits eshaywe yiYoung Buffaloes ngo 1-0 kowomlenze wokuqala emzuliswaneni wokuqala ngoMgqibelo ntambama ekuhambeni. IMamelodi Sundowns, iqhubeke njalo nokuba yizethenjwa zeNingizimu kwiCAF njengoba ishaye kabuhlungu iCote d’ Or yaseSeychelles ngo 5-0, emdlalweni womlemze wokuqala, okuyibeka ethubeni elihle lokudlala kweyamaqoqo kele sizini.
IGalaxy izobhekana neCNaPS Sport emdlalweni womlenze wesibili ngoSepthemba 27 ekuhambeni. Uma ezikaMalesela ziwina noma zidlala ngokulingana kulomdlalo, zizohlonywa uphaphe legwalagwala njengeqembu lokuqala elisuka esigabeni sesibili ukuthi lidlale kweyamaqoqo eCaf Confederations Cup.