YINTO engandele bani ukuthi uzithole udlalela iqembu okhule ulilandela ungumfanyana njengoba kwenzeka kumgadli weKaizer Chiefs, uLebogang Manyama.
Uma isikuficile ingqayizivele efana nekaManyama, ungeze wakulindela ukuthi iqembu lakho lidliwe yinduku kulandelana ekubeni ukhona, ingasaphathwa-ke eyokuthi kumasizini amabili edlule ubuqokwe njengePSL Footballer of the Season, waphinde wamuka nomklomelo womshayimagoli ovelele.
Ngenxa yalokhu, cishe uManyama nguyena mdlali osezinhlungwini ukubedlula bonke ekhempini yeMpofana, esiphenduke isagwaca esikholwa yizagila kulezi nsuku.
“IChiefs yiqembu engikhule ngililandela. Lisenhlizweni yami kakhulu, yingakho kungabanga khona ukunanaza uma livela ithuba lokuthi ngize la,”kusho uManyama, osenegoli elilodwa kwiChiefs.
Akakaqedi nesizini efikile kwiChiefs uManyama kodwa kuningi okubi osekumehlele.
Ngemuva kokushaya igoli lakhe lokuqala wehlelwe yingozi yemoto yamlimaza ingalo nokumbeke ezihlweleni isikhashana.
Lokho kuholele ekutheni aphuthwe obekuzoba ngumdlalo wakhe wokuqala womkhaya kodwa ngenhlanhla encane kube nempindamshaye ye-semifinal yeTelkom Knockout, okuyilapho ehlelwe khona ngelinye ishwa behluwa yi-Orlando Pirates kowomkhaya wakhe wokuqala.
“Indlela engiqale ngayo akusiyo indlela ebengiyilindele kodwa-ke impilo iyazihlela kwesinye isikhathi.
Ngeke ulishintshe imuva kodwa ungakwazi ukulungisa ikusasa lakho,”kusho uManyama.
Ngeke nokho uManyama azisole ukuthi nguye ofike nosizi kwiChiefs kwazise izinkinga ebhekana nazo kule sizini ziqhubeka kwezangesizini edlule obekungeyesithathu elandelana inganqobe sicoco.
Kuyimanje iChiefs isendaweni ye-log okungabuzwa ukuthi iyabacika abalandeli bayo.
Empeleni awumkhulu umehluko phakathi kweChiefs neSuperSport United abazovala ngayo unyaka emidlalweni yeligi eMbombela Stadium, eNelspruit ngoLwesithathu ebusuku.
“ISuperSport ayisilo iqembu elilula ukulihlakaza,” usho kahle uManyama kwazise uyayazi njengoba ebesemabhukwini ayo ngo-2013 kuya ku-2016.
“Kufanele sidlale kodwa. Silahle amaphuzu amqoka emidlalweni edlule. Asikwazi ukuzithambisa sisonga unyaka. Okwethu manje wukugxila ezintweni ezinhle ezisehlele, sikuyeke konke okubi,” kusho uManyama.
Ngemuva komdlalo waseMbombela, iChiefs ilubhekisa eThekwini lapho izodlala khona oweCaf Confederation Cup ne-Elgeco Plus FC yaseMadagascar ngoDisemba 15.
Emidlalweni emibili iChiefs idliwe yinduku (ibuye no 2-1 kwiPirates nakwiLamontville Godlen Arrows) nokwenza iTheku lingabe lisaba yindawo yombuso kwiMpofana.
Imidlalo yangoLwesibili ngo 7.30 ebusuku: Polokwane City v Highlands Park (Old Peter Mokaba Stadium); Free State Stars v Orlando Pirates(Goble Park); Cape Town City FC v Chippa United (Athlone Stadium); Mamelodi Sundowns
v Baroka FC (Lucas Moripe Stadium.
NgoLwesithathu 7.30 ebusuku: Bidvest Wits v Golden Arrows (Bidvest Stadium);
:AmaZulu FC v Bloemfontein Celtic (King Zwelithini Stadium); Maritzburg United v Black Leopards (Harry Gwala Stadium) Kaizer Chiefs v SuperSport United (Mbombela Stadium).