UMQEQESHI weRoyal Eagles uRoger Sikhakhane uthi kusesekuseni kakhulu ngomjaho wesicoco seNational First Division (NFD), ngakho abalandeli bakanobhutshuzwayo bangethuki ngokuqala kwezakhe ngebatha.
I-Eagles ayikanqobi nowodwa umdlalo selokhu kuqale isizini yeNFD. Ishaywe yiStellenbosch ngo 1-0 emdlalweni wokuvula, yashaywa ngomphumela ofanayo idlala neTS Sporting ngaphambi kokudlala ngokulingana nabakhaya iRichards Bay FC emdlalweni ophele ngo 1-1 ngeledlule.
Njengamanje ezikaSikhakhane zikunombolo 14 kwi-log yeNFD ngephuzu elilodwa emidlalweni emithathu. USikhakhane, ongumakadebona kwiNFD, uthe kulesi sigaba akubalulekile ukuthi uqala kanjani kodwa kubaluleke ukuthi ugcina kanjani.
“Kusesekuseni kakhulu, phela sikhuluma ngeligi la. Lena yi-marathon ngakho kumele ulungise izinto ngendlela, ngemuva kwalokho bese uyabonake ukuthi uhamba ufika kuphi. Sibasayinisile abadlali, ngakho ngibona sinesikwati esanele futhi esikufanele ukwenza kahle,” kusho uSikhakhane.
Ukusho lokhu nje uyaziwa kwiNFD njengoba esinqobile lesi sicoco neChippa United neThanda Royal Zulu FC eminyakeni edlule.
Lo mqeqeshi akafunanga ukuphumela obala ngokuthi ngabe uzokwazi yini ukukhuphulela leli qembu kwi-Absa Premiership ngesizini ezayo.
“Sizohlanganisa nje, sibone ukuthi iqembu liyakwazi yini ukungena emidlalweni yokuhlunga noma lenza njani, sizobona. Okwamanje engingakusho wukuthi kusesekuseni kakhulu ukuthi sengingakhuluma izinto ezinjalo,” kuqhuba uSikhakhane.
Ukudlala ngokulingana neBay ngempelasonto kumjabulisile kakhulu uSikhakhane njengoba kulo mdlalo ethole iphuzu lakhe lokuqala ne-Eagles kule sizini.
“Ngiyalijabulela iphuzu esilitholile sidlala neBay ekuhambeni. Sizosebenzela phezu kwalo ngethemba lokuthi lizosivulela ukuthi sithole amanye amaphuzu,” usho kanje.
I-Eagles izodlala umdlalo wayo olandelayo kwiNFD neTshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM), eChatsworth Stadium ngoSepthemba 15. Ziya kulo mdlalo nje, i-TTM isendaweni yesine kwi-log ngamaphuzu ayisikhombisa futhi ayikashaywa okwamanje njengoba inqobe imidlalo emibili, yadlala ngokulingana kowodwa.