IYAMOYIZELA, namehlo iwafinyeze nobuso buyicebe ukuthi ikhumbula ezamzukwana injini yeBanyana Banyana, uMamello Makhabane, uma ixoxa ngokuthi yayivamise ukuwotha ubomvu kunina bebanga ukuthi ishiya ingaziwashile izitsha ihambe usuku lonke iyodlala ibhola ize ibuye sekuhlwile.
UMakhabane (31), omunye wabadlali okubhekwe basize iBanyana izethule kuzwakale kwi-2019 Fifa Womens World Cup eseFrance ngoJuni kuya kuJulayi, uthi kulezi nsuku bazithola behleka nonina uma bekhumbula lesiya sikhathi “sokubalekela izitsha”.
“Bengihamba ekuseni ngize ngibuye ebusuku ngabo-7 kade ngilokhu ngidlala ibhola. Ekhaya babenganankinga ngokudlala kwami ibhola kodwa indaba ibiba sekutheni ngishiya ngingaziwashanga izitsha ngihambe ngiyodlala ibhola ngize ngibuye sekuhlwile,” kusho uMakhabane.
“Izitsha yiyo inkinga esasivame ukuba nayo nomama. Wayenganankinga ukuthi ngidlala ibhola ngoba namakhokho ngangiwathengelwa nguye. Wayengeseka ukuqiniseka ukuthi angisali emiqhudelwaneni iqembu lami elalidlala kuyo. Nemali eyayidingeka uma siya emiqhudelwaneni wayenginika.”
Yize unina wayemeseka kodwa le ntokazi -eseqenjini elizodlala owokugcina eNingizimu Afrika neJamaica eMoses Mabhida Stadium, eThekwini kusasa ngo-3 ntambama- ithi ukuxinwa wumsebenzi kwakwenza angakwazi ukuya ezinkundleni ayoyibona.
“Ngeshwa (umama) wayengakwazi ukuya ezinkundleni, wayezwa nje ngabaqeqeshi ukuthi, ‘Hheyi uyazi umtanakho udlala kahle’ kodwa wayengakaze angibone ngidlala. Inkinga ngabazali bethu (abamnyama) akusikho ukuthi abathandi ukusibuka kodwa kufanele basebenze babeke ukudla etafuleni. Namanje akakaze angibone bukhoma ngidlala umdlalo osemthethweni. Uke weza nje egoli kodwa wangibuka kweyokungcweka engatheni.Uhlala eFree State uyasebenza.”
Eyokuthi waliqala kanjani ibhola uMakhabane ayihlukile neyamantombazane amaningi aseMzansi akhule edlala nabafana.
“Amantombaze ngasekhaya abezidlalela inetball kodwa mina angizange ngiyiqale ngisho ukuyiqala. Angazi kwenzeka kanjani kodwa ngazithola ngidlala ibhola nabafana,ngithi ngangineminyaka eyisishiyagalolunye. Ngazibona sengidlala nje ngale kokunaka ukuthi ngabe ngiyalazi noma yini”.
UMakhabane ngomunye wabadlali asebemnkantshubomvu esikwatini sikaDesiree Ellis.
“Ngiqale ukudlala kwiBanyana ngo-2005. Ngigcine ukuzodlala nayo eThekwini ngo-2011. Ngifike kwiBanyana ngisadlala kwiKutloano Ladies. Ngabonwa nguSkheshe Mkhonza (uJoseph). Sasidlala amaSA Games namaLove Life Games. Ubeza ezobukela. Kwathi ngelinye ilanga ngiseklasini ngabizwa kanti nguye uzongitshela ukuthi asambe ngiyojoyina izinhlaka zeBanyana. Bengenza ustandard 9 ngaleso sikhathi,” kusho uMakhabane.
Ngaleso sikhathi abadlali ayenabo kubalwa uJanine van Wyk Noko Matlou noNompumelelo Nyandeni namanje abakhona esikwatini sika-Ellis.
“Angikaze ngicabange ukuthi kuyofika le minyaka ngisekhona (eqenjini lesizwe) noma cha. Imbangela yalokho wukuthi ngeke uliqagule ikusasa. Konke kumele ukushiye kuMdali. Ngibonga yena ukuthi ungigcine ngila, ngamela izwe lami sonke lesi sikhathi.”
/p>
Ngenxa yokulimala uMakhabane akakayihlanganisi imidlalo engu-100 njengabanye ozakwabo abadala kwazise uze wadlala kuma-Olympics eRio ngo-2016 ngemuva kokuphuthwa ngabeseLondon ngo-2012.
Intokazi yaseKutloanong, e-Odendaalsrus, eFree State, ibona bengezukuyela ukwengeza isibalo eFrance ngenxa yamava abawathole kuma-Olympics.
“Sithole amava kuma-Olympics, neChina ibikhona laphaya kanjalo neGermany (amazwe abaqhathwe nawo kwiGroup B neSpain). Lokho kuzosiza ngoba siyazi silindeleni.”
@malbingo @IsolezweNews @IOLSport