INJINI yeMamelodi Sundowns, uThemba “Mshishi” Zwane ifuna bakusebenzise ukuthutheleka phambili kwe-Al Ahly edinga amagoli angaphezu kwayisihlanu ukuze idlulele kowandulela owamanqamu weCAF Champions League.
ISundowns ixebule i-Al Ahly ngo 5-0 emdlalweni womlenze wokuqala wama-quarterfinal eLucas Moripe Stadium, ePitoli, ngempelasonto edlule. Bekungokokuqala iqembu laseMzansi lihlula elasenhla ne-Afrika ngamagoli amaningi kangaka kwiChampions League.
UZwane, oshaye igoli lokuqala kulo “mngcwabo”, ubeyiphela endlebeni kula bompetha base-Egypt. Nokho umsebenzi onzima ohlalele iSundowns owokuthi ingangenelwa amagoli angaphezu kwalawa ewashayile uma sebebhekene ne-A Ahly emlenzeni wesibili ose-Egyptian Army Stadium, e-Egypt, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama. Ozowina phakathi kweSundowns ne-Al Ahly uzodlala nozonqoba phakathi kweWydad Casablanca yaseMorocco neHoroya A.C yaseGuinea abadlale ngokulingana ngo 0-0 kowomlenze wokuqala wama-quarterfinal eGuinea.
UZwane uthe akufanele bahlale emuva, bafune ukudlala ngokulingana.
“Ngokwami kufanele sidlale ibhola lethu. Sidlale ngendlela yethu ngoba siyazi ukuthi bazoza kithina. Ngaleyo ndlela bazovula emuva. Sinabadlali abanzima phambili. Singakwazi ukushaya amagoli amabili noma amathathu. Siyazi ukuthi sizoba nengcindezi kodwa sizokwehlisa umoya sidlale ibhola lethu esilijwayele. Njengeqembu senze kahle sakwazi ukushaya amagoli ayisihlanu kodwa siyazi ukuthi akukapheli. Kufanele siyolwa ukuze sizodlulela kowandulela owamanqamu,” kusho uZwane.
Umqeqeshi weSundowns, uPitso Mosimane, ubezishaya isifuba ethi abayihlulanga ngenhlanhla i-Al Ahly kodwa kungenxa yomsebenzi abawenzile beyithimba labaqeqeshi, belandela leli qembu emidlalweni eyisishiyagalombili eliyidlalile ukuze bezolazi ukusuka nokuhlala.
UZwane ukufakazele lokhu wathi: "Ngokujwayelekile, amaqembu afana ne-Al Ahly awavali emuva uma edlala ekuhambeni, afuna ukushaya amagoli nawo. Ngakho besazi ukuthi bazovula. Inhloso yethu bekuwubeka ibhola phansi, sidlale amaphasi amafishane ukuze sizobavula. Siyazi ukuthi bade yikho besingawagobi amabhola ezinhlangothini, sakha amathuba amaningi okushaya amagoli. Ngiyajabula ukuthi sikwazile ukushaya amagoli ayisihlanu,” kusho uZwane.
Nakuba uZwane engomunye wabadlali okulindeleke ukuthi babange umklomelo womdlali ovelele kwi-Absa Premiership ekupheleni kwesizini kodwa ubukeka enyukela kwelinye izinga uma edlala imidlalo yeChampions League. Useshaye amagoli ayisithupha kulo mqhudelwano. UZwane usele ngegoli kuMoataz Al-Mehdi waseLibya odlalela i-Al Nasr esiphumile kwiChampions League. Ubambene noMeddie Kagere waseRwanda odlalela iSimba S.C yase-Uganda edlale ngokulingana ekhaya neTP Mazembe yaseDemocratic Republic of Congo (DRC).
“Ukuzethemba kwami kuyanyuka uma sidlala imidlalo yeCAF. Kodwa ngibona kusafanele ngenze okungaphezulu kwalokhu ngoba njalo uma sidlala ngithola amathuba amathathu noma amane kodwa ngigcine ngishaye igoli elilodwa. Ngokwami lokho akukuhle. Kufanele ngishaye amagoli amabili noma amathathu,” kusho uZwane.