USHONE eseboniswa ngokuhamba kwakhe emhlabeni obengumqeqeshi wesibhakela, uThemba Zulu, oshone ngoLwesithathu ebusuku.
UZulu (55) ungumqeqeshi oyibambe ishisa kwezamankomane eNingizimu Afrika, ezimisele ukukhiqiza umpetha womhlaba ngelinye ilanga ejimini yakhe iGeo Maroon Boxing Club eSprings, eKwaTema, eGauteng. Udlule emhlabeni emuva kokugula isikhashana ehlushwa yesifo esimataniswa nesofuba esibhedlela iPholosong, eBrakpan. Ubekade engeniswe khona ngoMsombuluko esexinekile. UZulu ungowokudabuka eNhlazatshe, eVryheid.
Isikhulu seBoxing South Africa, u-Archie Nyingwa, siveze ukuthi uZulu uvalelisile kubona ngesikhathi bezombona ngeSonto esemzini wakhe.
“Ngiyeke ukuya esontweni, ngathatha ezinye izikhulu sayombona emzini wakhe. Sithe sisaxoxa wasitshela ukuthi usefuna ukuyophumula. Usitshele ukuthi uyavalelisa kithina ngoba uyabona ukuthi ngeke aliqede isonto esaphila,” kusho uNyingwa.
“Kubuhlungu ukuhamba kwakhe emhlabeni, silahlekelwe kakhulu esibhakeleni eGauteng, ikakhulukazi e-East Rand ngoba ubeyithemba labashayisibhakela bangakhona. Ubelokhu eqhubeka nesibhakela ngisho esexinekile noma sengimcela ukuthi akahlale ekhaya aphumule kodwa ubengayingeni leyo. Ubehlale esho ukuthi akafundanga kodwa ugogodile esibhakeleni ngoba wazi konke.”
Kubashayisibhakela abaqeqeshwe nguZulu kukhona uXolani “Steady But Sure” Mvubu wasoLundi, Luyanda Jako, Mxolisi “Mayweather” Nombewu amwinisa ibhande le-IBO International Bantamweight nebhokisa lesifazane uSimangele Hadebe alishiye likleliswe phezulu kwabagaqele ibhande le-SA Female Bantamweight.
Indodakazi kaZulu, uNomfundo, ikuqinisekisile ukuthi uyise uthathwe yisifo esincikene nofuba.
“Siyazama ukuqina njengomndeni. Ubaba akagulanga isikhathi eside, besingazitsheli ukuthi usezodlula emhlabeni,” kusho uNomfundo.
Uthe nakuba bengakayihleli inkonzo yesikhumbuzo bewumndeni kodwa sekuqinisekisiwe ukuthi uyise uzofihlwa ngoLwesine KwaTema emuva kwenkonzo ezoba seFamily Christian Centre.