UMGADLI omusha weMamelodi Sundowns, uMauricio Affonso, akafuni ukubathembisa izulu nomhlaba abalandeli baleli qembu abalindele ukubona okudobe umqeqeshi uPitso
Mosimane.
U-Affonso wase-Uruguay wethulwe njengomdlali omusha weSundowns maphakathi
nesonto.
Ukufika kwakhe kubukeka kuqinisekisa ukuphela kwendawo kaJeremy Brockie waseNew Zealand ohluleke wancama ukwenza umsebenzi eChloorkop esikhathini esiyisizini nesigamu.
U-Affonso ushaye amagoli angu-19 emidlalweni engu-39 kwi-Alianza Lima yasePeru abekade
edlala kuyona.
“Ngifisa ukufaka isandla eqenjini njengomgadli.
"Bengifuna okuhlukile, ngabona ukuthi iSundowns iyinselelo
enhle.
"Sengibheke ukuqala kwesizini. Abalandeli bengalindela lukhulu kimina.
"Ngizodlala ngendlela umqeqeshi afuna ngayo.
"Ngithemba ukuthi ngizowashaya amagoli. Okwamanje angikwazi ukusho ukuthi ngizibekele ukushaya amangaki kodwa ngifuna ukusiza iqembu ngakho konke enginakho.
"Njengomgadli umsebenzi wami ukushaya amagoli kodwa okuphambili wukusiza iqembu libengcono,” kusho * -Affonso.
Ngesizini edlule iSundowns ishaye amagoli angu-40 emidlalweni yeligi. Idlulwe yi-Orlando Pirates (44), Bidvest Wits (45) neCape Town City (47).
ULebohang Maboe obesuka kwiMaritzburg United uyena oshaye amagoli amaningi kwiSundowns ngesizini edlule ebasela enethini ayisishiyagalombili emidlalweni yeligi.
Akubuzwa ukuthi unkonko olungu-Affonso luzofuna ukushesha luzinze ukuze luzozakhela igama eMzansi.
KwiSundowns lujoyine abanye abadlali basezansi ne-America uRichardo Nascimento, Ali Meza noGaston Sirino osephenduke intandokazi yabalandeli beSundowns.