UMATO “Mkabayi” Madlala, oyisikhulu esiphezulu esibambile kwiPremier Soccer League (PSL), uzishaya isifuba ngohla olugweme ukushayisana kwemidlalo ye-Absa Premiership neyeCaf Champions League obekudlala kuyo iMamelodi Sundowns.
“Ngikholelwa kakhulu ekutheni konke kwenziwe ngobulungiswa.
“Ngasho kahle ukuthi izinsuku iSundowns ezodlala ngazo emiqhudelwaneni yeCAF kufanele sizifake zonke ohlelweni lwePSL ukugwema ukungqubuzana obekuba khona esikhathini esiphambili,” kusho uMadlala.
“Kuthe uma sesiludwebile uhla, sabiza uPitso (Mosimane oqeqesha iSundowns) ukuze ezofaka umbono wakhe. Yingakho nje engazange abe nezikhalo.”
Ugcizelele wathi le ndlela yokwenza izinto ibasize kakhulu ekugwemeni ukugxekwa obekuqhamuka kwabezindaba ngenxa yokushayisana kwezinsuku zemidlalo yeLigi neye CAF.
“Selokhu siqale ukwenza izinto ngendlela ehlukile isihlenge ekugxekweni abezindaba uma sekukhona ukungqubuzana kwemidlalo yeCAF neye PSL.
“Ukuphuma kwabo (iSundowns) nabo kuzobenza bathole ukuphefumula emidlalweni abebezoyidlala ngoba sesizobuyekeza uhlelo lwethu.
Khona ukuphuma kwabo akuyona into enhle ngoba ukuhamba ibanga elide kule miqhudelwano kunikeza iligi yethu isithunzi,” kubeka uMadlala.
“Ukuxhobela iqembu ngothotho lwemidlalo akusizi muntu ngoba uma likwehlula lisuke lisazoqhubeka likwehlule.
“Ngakho ubulungiswa yinto engikholelwa kuyona kakhulu futhi kubalulekile ukuthi ububeke eqhulwini.”
Yize ukuphuma kweSundowns kulo mqhudelwano kubukeka kuzokwehlisa umthwalo kwiligi nakuyona imbala kodwa kusazoqala olunye ushikishi ngoDisemba lapho amaqembu amane ezodlala kwiChampions League (Mamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates) nakwiConfederation Cup (Free State Stars neKaizer Chiefs).
“Nakhona siwahlelele kuze kushaye uJanuwari wangonyaka ozayo ngokuthi sizibeke eceleni zonke izinsuku abazodlala ngazo emidlalweni yamaqoqo.”
Uphetha ngokuthi kuzothi uma sekuphela imidlalo yamaqoqo sebazi ukuthi ngubani ozodlulela esigabeni esilandelayo esuka kwesamaqoqo, bazobuya bese sibuyekeza uhlelo lwethu lwemidlalo.
Okuzokwenyukela kakhulu ngale midlalo ezoqala ngoDisemba wukuthi kufanele iphelile ngoMeyi, okuzokube kuphela ngayo eyePSL.
Amaqembu adlulele esigabeni sama-quarter final eChampions League amikanje; Group A: Al Ahly ne-Espérance Sportive de Tunis, Group B: TP Mazembe ne-E.S. Setifiene, Group C: Wydad athletic Club neHoroya, Group D: Etoile du Sahel neClub Sesportivo.