USHAYE izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa umqeqeshi weKaizer Chiefs, uGiovanni Solinas ngesikhathi exova isikimu ngenhloso yokuphumuza abathile ebhekene neFree State Stars ngoLwesibili ebusuku.
Lokhu kwenze kwavela esinye isikimu esiwukhilimu osekwenze lo mqeqeshi wase-Italy wamelwa wukuthi enze isinqumo ngomdlalo ozayo.
IChiefs iwine okwesibili kule sizini ngokucoboshisa iFree State ngo 2-0 wegoli likaGustavo Paez noPhilani Zulu kodwa okuyikhona obekukhulunywa ngakho kakhulu yizinguquko eziyisikhombisa ezenziwe uSolinas athe uzenze ngoba ephumuza abathile.
Okufaka lo mqeqeshi enkingeni wukuthi usebhekwe kakhulu manje ngesikimu azosibophela ngoMgqibelo uma esevakashelwe AmaZulu ngaphansi kwayo belu i-Absa Premiership ngo-6 ntambama eFNB Stadium, eGoli. Phakathi kwemibuzo esezindebeni zabathandi bebhola othi uzokwenzenjani ngoGeorge Maluleka odlale ingcwenga yebhola.
Ubedlala endaweni ejwayele ukudlalwa uSiphelele Ntshangase. Kubonakale nabadlali abafana noPaez bemcindeza uSolinas ngokuthi angabashiyi uma esebophela isikimu.
Umdlali ofana noMario Booysen ukhombise izimpawu zokuba yimpendulo emabholeni ahamba emoyeni kwazise uDaniel Cardoso obeqala imidlalo ngasekuqaleni kwesizini ubekhombisa izimpawu zokuba buthaka kuwona.
“Inhloso enkulu ngalezi zinguquko bekuwukuphumuza abadlali. Okwenzekile sekungifake enkingeni ngoba sekufanele ngikhethe kubadlali abaningi. Kuhle kimina lokhu ngoba ngakho ngishaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa. Lokhu kuzoliphumuza iqembu kodwa futhi kuzosiza ekutheni ngazi ukuthi yibaphi abadlali abawulungele umdlalo uma ngificwa yisimo lapho kunabadlali engingeke ngikwazi ukubasebenzisa,” kusho uSolinas.
Uzwakalise okukhulu ukujabula ngalo mphumela kodwa waxwayisa abadlali bakhe ngobumqoka bokuqhubeka nalo mgqigqo.
“Kufanele sikhumbule ukuthi siyiqembu elikhulu ngakho-ke abalandeli bethu kufanle sibajabulise. Kusemqoka ukuthi siqhubeke ngale ndlela uma sesibhekene naMaZulu ngoba kuzoba wumdlalo onzima,” kusho uSolinas.
Imidlalo ye-Absa Premiership:
Kusasa: Bidvest Wits v Polokwane City (Bidvest Stadium, 8pm)
NgoMgqibelo: Lamontville Golden Arrows v Chippa United (Princess Magogo Stadium, 3pm); Baroka FC v Orlando Pirates (New Peter Mokaba Stadium, 3pm); Kaizer Chiefs v AmaZulu FC (FNB Stadium, 6pm); Free State Stars v Highlands Park (Goble Park Stadium, 8.15pm)
NgeSonto: SuperSport United v Black Leopards (Lucas Moripe Stadium, 3pm); Bloemfontein Celtic v Maritzburg United (Dr Molemela Stadium, 3pm)