URENEILWE Letsholonyane obedlalela iSuperSport United uthe akazimisele ngokuphanyeka amakhokho emgibeni Isithombe: BACKPAGEPIX
AKANAZO izinhlelo zokuphanyeka amakhokho emgibeni uReneilwe “Yeye” Letsholonyane osekuqinisekisiwe ukuthi uyahlukana neSuperSport United njengoba inkontileka yakhe iphela ekupheleni kwenyanga.

ULetsholonyane (36) ngomunye wabadlali abaqale kwiJomo Cosmos esigabeni esikhokhelayo ngaphambi kokujoyina iKaizer Chiefs awine nayo izindebe ezahlukene. Ushiye eNaturena ngo-2016 emuva kokuthi Amakhosi enqabe ukumnika inkontileka abekade eyifuna.

Utshele leli phephandaba ukuthi usazoqhubeka nokudlala ibhola ngesizini ka-2019/2020. Untanga yakhe uTeko Modise umemezele ukuthi usewaphanyeka emgibeni ekupheleni kwesizini edlule.

“Angikawaphanyeki amakhokho emgibeni okwamanje. Ngisazodlala nangesizini ezayo. Okwamanje angikakwazi ukukhuluma ngeqembu engizolijoyina kuze kuphela inyanga,” kusho uLetsholonyane.

KwiSuperSport uYeye uwine izindebe ezimbili okuyiMTN 8 neNedbank Cup, wafinyelela kowamanqamu weCAF Confederation Cup ngo-2017.

Ukuhamba kwakhe kwiChiefs kushiye isilonda ezinhliziyweni zabalandeli abaningi. Ezinyangeni ezedlule kuvele ukuthi iChiefs izamile ukumbuyisa uLetsholonyane kodwa iSuperSport yanqaba naye.

Amatsatsantsa kade ehlela ukukhokhela uLetsholonyane ukuze aqale izifundo zokuqeqesha. Nokho lezo zinkulumo ezimumatanisa neChiefs seziqale phansi. Kuvela neCape Town City emaqenjini amfunayo.

“Kungamahlebezi nje ukuthi ngibuyela kwiChiefs. Okwamanje ngisahlela kahle izinto zami ngaphambi kokuqala impilo entsha kwenye indawo. Ngihlale kahle kwiSuperSport futhi ngikujabulele ukudlala khona. Ngiwine izindebe, ngadlala kowamanqamu izikhathi eziyisithupha, sabanga neligi,” kusho uLetsholonyane.

ISuperSport kuvele ukuthi ichayise omakhelwane iMamelodi Sundowns ebifuna uTebogo Mokoena no-Aubrey Modiba. Amatsatsantsa ambuyisele emuva kwiSundowns uGeorge Lebese abembolekile. Kulindeleke ukuthi asayinise ngokugcwele uPhumlani Ntshangase abemboleke kwiBidvest Wits.