INGWAZI yeCell C Sharks, u-Odwa Ndungane, ibona leli qembu laseThekwini lingakwazi ukwenza kahle kwiSuper Rugby ka-2019 ngemuva kokushaya into ecokeme kwiCurrie Cup ka-2018.
ISharks imangaze abaningi ikhala yemuka nendebe yeCurrie Cup lapho ishayele khona iWestern Province esibayeni sayo eNewlands Stadium, ngoSepthemba. Abaningi babengayinike lutho iSharks ngoba iProvince yayikade ishaya kwasani ngaphambi kokuthi ifinyelele kowamanqamu.
UNdungane, ophanyeke amakhokho akhe emgibeni ekupheleni kwesizini ka-2017, uthe ukuwina iCurrie Cup kweSharks akungabazeki ukuthi kuzoyenza iye kwiSuper Rugby inokuzethemba.
“Nakanjani ukuzethemba kuphezulu kubona ngemuva kwempumelelo yeCurrie Cup. Ukushaya iWestern Province ebiqotha kwasana eKapa kuyinto enkulu kakhulu,” kusho uNdungane odlale iminyaka eminingi kwiSharks.
“Ngilindele ukuthi badlale kahle kwiSuper Rugby ikakhulukazi uma sekukhona nabanye abadlali ababengekho bewina iCurrie Cup. Kumele benze kangcono kunesizini edlule.”
Ebuzwa ukuthi yini efike ime endleleni yeSharks uma sekuyiwa kwiSuper Rugby uthe yindlela ebuye idlale ngayo kulo mqhudelwano.
“ISuper Rugby inzima kakhulu. Okumele ukwenze ukuthi uwine imidlalo yasekhaya ngoba kunzima ukuqoqa amaphuzu ekuhambeni. Ukwenza isiqiniseko sokuthi uwina imidlalo yasekhaya nakho kukunika ukuzethemba bese uthole ukuthi kukhona imidlalo yasekuhambe ogcina uyiwinile,” kusho uNdungane.
Uthe abadlali abasakhula abafana no-Aphelele Fassi kumele nakanjani banikwe ithuba lokudlala imidlalo yeSuper Rugby kule sizini.
“ICurrie Cup iveza ikhono kubadlali. Uma sebedlale kahle kuyona nakanjani bangashaya into ecokeme kwiSuper Rugby. Nokho iqembu kumele lidlale kahle lonke ukuze abadlali abasakhula baveze ikhono labo,” kusho uNdungane.
Mayelana noFassi uthe: “Unekhono eliyisimanga futhi uya kude kakhulu. Kumfanele ukudlala kwiSuper Rugby.”
ISharks izovula imidlalo yeSuper Rugby ngokubhekana neSunwolves yase-Argentina ekuhambeni. Umdlalo ungoFebhuwari 16 ngo-12.55 ntambama. UNdungane uxwayise iSharks ngaleli qembu.
“Bayiqembu elingakuphoxa ngokukushaya noma yinini. Sebeke bayishaya iBulls neStormers. Abadlali beSharks kumele bazimisele uma bedlala nabo. Banabadlali abahle abaningi. Kubalulekile ukuthi iSharks iyiqale kahle iSuper Rugby,” kuphetha uNdungane.
Le ngwazi ikholwa wukuthi iSharks ingenza kahle kakhulu kwiSuper Rugby ngenxa yabadlali abasezingeni.