INJINI okuyiyona eyayishayela isisu seMamelodi Sundowns kaTed “Makepisi” Dumitru idla izicoco zeligi ezintathu kulandelana, u-Eric Ramasike, ixwayisa amaqembu e-Absa Premiership ngobungozi beDowns kulandela ukuphuma kwayo kwiCAF Champions League neMTN 8 ngesonto elilodwa.
ISundowns izobuyela kweyeligi okokuqala kusukela iphoxekile ikhishwa yiHoroya FC yaseGuinea kwiChampions League okulandelwe yimpoxo yokukhala ngaphandle kwiMTN 8 ishaywa iCape Town City. Izovakashela AmaZulu ngeSonto ngo-3 ntambama, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
Ngokusho kukaRamasike owayegqame eqenjini elabe libophele uCharles Motlohi, Joel Masilela noRoger Fuetmba, iSundowns isizoba yingozi kakhulu kweyeligi ukuvala ukuphenduka inhlekisa. Ngokusho kwalo mdlali owake wadlalela iBafana Bafana kanye, ngendlela amazi ngayo uPitso “Jingles” Mosimane opheka iSundowns, wonke amanye amaqembu asazobhekana naye kufanele agawule abheke.
“Ngidlalile naye uPitso (Mosimane) ngakho-ke ngimazi kahle ukuthi ubenjani uma ehluliwe. Udaliwe ukuthi akakwazi ukwamukela okunye ngaphandle kokuwina. Lokhu usekufake nakubadlali bakhe ngakho-ke kuzoba nzima kwabasazobhekana nabo. Inkinga ukuthi iSundowns ayigcinanga ngokuphuma kwiChampions League nakwiMTN 8 kodwa kuhlekiswe ngayo nasezinkundleni zokuxhumana.
“Angikholwa ukuthi ukhona umuntu othanda ukubhekana noPitso ediniwe. Unekhono lokungena ezingqondweni zabadlali bakhe ngakho ngiyazi ukuthi nabo badinwe ngendlela efanayo. Azothwala kanzima wonke amaqembu asazobhekana neDowns kule sizini futhi ngingakubhejela nemali ukuthi izosivikela isicoco sayo seligi."
ISundowns iya kulo mdlalo nerekhodi elihle uma ibhekene nezikaCavin Johnson kodwa umdlalo wokugcina zibhekene unqotshwe yileli qembu laseThekwini. Amagoli ashaywa abadlali asebeqinile uMabhuti Khenyeza noSiyabonga “Bhele” Nomvethe.
Isinongo kulokhu ukuba khona kukaBongi Ntuli osemabhukwini eSundowns kodwa ubolekiswe kuMaZulu. Usezisholo ngowakhe ukuthi uma enganikwa ithuba angakujabulela ukushaya igoli ebhekene neqembu elingamboni njengomdlali ophelele kwazise yilokhu lamthenga kuwona AmaZulu lihlale limbolekisa.
Imidlalo ye-Absa Premiership:
NgoMgqibelo: Chippa United v Baroka FC (Sisa Dukashe Stadium, 3pm); Cape Town City v Kaizer Chiefs (Cape Town Stadium, 3pm); Mariztburg United v Bidvest Wits (Harry Gwala Stadium, 6pm); Polokwane City v Free State Stars (New Peter Mokaba Stadium, 8.15pm); Orlando Pirates v SuperSport United (Orlando Stadium, 8.15pm)
NgeSonto: Black Leopards v Bloemfontein Celtic (New Peter Mokaba Stadium, 3pm); Highlands Park v Lamontville Golden Arrows (Princess Magogo Stadium, 3pm); AmaZulu v Mamelodi Sundowns (King Zwelithini Stadium, 3pm)