UXOLISILE umgadli weKaizer Chiefs uGustavo Paez ngesenzo sakhe sangempelasonto edlule lapho abonakala khona kwithelevishini echizela umqeqeshi uGiovanni Solinas.
UPaez ukhishwe esiwombeni sesibili ngesikhathi iChiefs idlala neBloemfontein Celtic emdlalweni weMacufe Cup ngeSonto. Ngesikhathi uSolinas ezama ukuxhawula uPaez ufihle isandla, wangayingena indaba yakhe. Akazange akhombise nomdlandla ngesikhathi iphini uPatrick Mabedi limanga.
IChiefs ikhiphe ekhasini layo le-website isixoliso lapho kucashunwe uPaez ethi ubengakuqondile okwenzekile.
"Akukho okubi engangikuqondile. Nginobudlelwano obuhle nomqeqeshi. Kwaba khona ukungaqondi nje. Ngiyavuma ukuthi kwaba isimo esibukeka kabi ngaleso sizathu ngiyaxolisa kakhulu kusihlalo, iseqenjini, ikozakwethu, abaxhasi, abalandeli nabo bonke abathintekayo ngalesi sigameko esingesihle," kusho uPaez.
Esitatimendeni seChiefs bagcizelele ukuthi bazothatha izinyathelo zangaphakathi ngalolu daba.
Kwenzeka lokhu nje akukapheli nesikhathi esingakanani uThamsanqa Gabuza ethukuthele wajiba ijezi kubalandeli ngemuva kokuthi bemhhewulile. Akagcinanga lapho njengoba aphuma enkundleni ngaphandle kwemuva kanompempe. Naye lo mgadli wabuye waxolisa.
NgeSonto iChiefs izobhekana neBlack Leopards emdlalweni weTelkom Knockout Last 16 eFNB Stadium ngo-3.30 ntambama.